Ezokungcebeleka

Ifu elimnyama eMzansi kungcwatshwa abalingisi

Bahle Mkhize 

ABANTU babuthane e-Alexandra eSt. Hubert’s Catholic Church ukuzovalelisa okokugcina umlingisi uSello Motloung.

UMotloung ushone eneminyaka engu-54 ngeSonto eledlule emuva kokugula okumjuqe ngesikhashana nje.

Uhamba emhlabeni nokho ubeseyilimile indima yakhe njengoba ubeseneminyaka eyeqile ku-20 ekuthelevishini, imidlalo yeshashalazi nakumafilimu.

Uzakhele igama edlala indawo ephambili kaSajene Kokobela kwitelenovela yeSesotho iNna Sajene Kokobela eyayidlala kuSABC 2 ngo-2001.

Isonto laseSt. Hubert’s Catholic Church beligcwele phama abalandeli bakhe bezomvalelisa.

Ukushona kwakhe kuchazwe njengokulahlekelwa okukhulu endimeni yethelevishini eMzansi.

Umngani uThandiwe Makhubela uthe umufi nonkosikazi wakhe bebewusizo nasesontweni futhi behlezi bembheka ukuthi usaphila yini. “Silahlekelwe sonke. Uzokhumbuleka ngenhliziyo yakhe emnene namancoko,” usho kanje.

Ushiye emhlabeni unkosikazi nenzingane ezintàthu.

Lesi sihlabani, siphinde sazakhela igama ngokulingisa emidlalweni yethelevishini okubalwa iBackstage, Mamello, The Estates kanye neRing of Lies.

UMotloung ungcwatshwe emathuneni aseWestpark eGoli ngoMgqibelo.

Kudlula emhlabeni nje uMotloung isizwe sisazikhotha amanxeba kulandela ukushona komlingisi ongumakadebona uDarlington Michaels (54) obedume ngo Papa G.

Kusenjalo uPhilani Mabanga (54) obedume ngoMfundisi uNtshebe naye ubegcwatshwa ngoMgqibelo.

Leli ciko liyingxenye yamavulandlela emculweni we-Hip Hop kuleli lisazibiza ngo-2Black2Strong futhi labamba iqhaza nasemculweni weR&B lisazibiza ngoKalashnikov ngeminyaka yo-1990.

Udadewabo kaNtshebe Simbizini Maphanga ucashunwe ethi uzongcwatshwa ngoMgqibelo eKatlehong.

Related Articles

Back to top button