Izindaba

Isimo esibi sezulu sivalele okhulelwe ku-N3 

Liyah Mseleku 

KUNXUSWA abantu ukuthi bahlale emakhaya njengoba isimo sezulu sisibi ezingxenyeni zekwaZulu-Natal.

Likhithike nenkungu ikhasa phansi lokho osekudale ukuthi abantu bavaleleke nezimoto zabo.

Uthelawayeka uN3 akunyakazeki phakathi kweHarrismith neTugela Toll Plaza.

Naku R617 phakathi kweKokstad ne-Underberg isimo esifanayo.

Ezinye izindawo eziqashwe ngeso lokhozi ikuN2 Ingeli noN3 eMooi-River.

Baningi abantu abavaleleke kuN3 phakathi kweMooi River neHarrismith okubalwa nomsakazi weJozi FM uPenny Ntuli.

“Aphi amabhanoyi ukuzosiza, siyazi ukuthi nemvula iyeza abantu bazomuka kunezimoto okukhona kuzo izingane. Selokhu beshushwa amakhaza kusukela ngoLwesihlanu. Emuva kwethu kunowesifazane okhulelwe ohamba yedwa nemoto izikhiyile izicabha. Ngikhulekela singezwa ukuthi sekunezidumbu eziphumile. Umbuzo omkhulu kungani àbamatoll gate bangakhiphi izindiza ezinophephela emhlane ukusiza àbantu. Kungani sikhokha emgaqweni kodwa usizo singalutholi,” kubuza uPenny Ntuli?

Lesi simo sesiholele ekutheni kuvalwe umngcele iSani Pass ophumela eLesotho ngenxa yeqhwa.

Lokhu kuvezwe abe-Border Management Authority SA ngesitatimende esithi iqhwa lingaphezu kuka-6cm izimoto azikwazi ukuhamba.

Ukuvalwa kwalo mngcele kulandela isitatimende somnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal okhiphe isixwayiso kubashayeli ngemigwaqo evaliwe ngenxa yokugcwala kweqhwa.

Related Articles

Back to top button