Ubuye eseqhutshwa osolwa ngokuqola Eskom u-1,5 billion
Philasande Luthuli
USEHAMBA ngesihlalo samasondo uMichael Lomas (77) osolwa ngokukhwabanisa uR1,5 billion wakwa-Eskom.
Ingxenye yale mali kwakufanele isize nasekwakhiweni kwesingqalasizinda sase Kusile Power Station, eMpumalanga, phakathi kwa 2014 no-2017.
ULomas ubhekene namacala angu-65 enkohlakalo.
Lo msolwa ubekakwe iSAPS Interpol ngesikhathi endiza esuka eLondon lapho wabaleka wayocasha khona.
Uthe ehla nje esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo Internation Airport wavela enkantolo iKempton Park Magistrate’s Court.
Ubhekene necala lenkohlakalo nelokukhwabanisa.
Libe selihlehliselwa uSepthemba 27 ePalm Ridge Specialised Commercial Crimes Court, ukuze afake isicelo sebheyili.
Ukuvela kwakhe enkantolo kulandela ukubuyiswa ngempumelelo i-Investigating Directorate Against Corruption (IDAC) e-United Kingdom lapho waboshwa khona ngo-15 Ephreli 2021 wadedelwa ngo-20 Meyi.
Kuvela ukuthi ukulandwa kwakhe e-UK kwasayinwa uMinister of State Security ngo-30 Januwari 2023 kodwa wabuya washaya ungqimphothe esephikisa ayekusayinile.
Nokho akaze aphumelele emizamweni yakhe wahluleka ngisho nakwi-European Court of Human Rights kufakaza okhulumela amaHawks uHenry Mamothame.
Isimo sempilo kaLomas sibukeka sibuthaka sifakazela izincwadi abameli bakhe abebegadla ngazo.




