Ukhonke ingalo umfundi (11) olinyazwe uthisha
Amkelwa Nguse noSindiswa Nxumalo
USEBENZISA isandla esisodwa umfundi (11) waseBhekaphambili Primary School, eLamontville, ngemuva kokuthi eshaywe uthisha waphuka ingalo.
Lesi sigameko senzeke ngasekupheleni kwa-Agasti kodwa besifihliwe njengoba kuthiwa uthishanhloko wazama ukuvikela uthisha ukuthi angabhekani nobulungiswa.
Kuthiwa uthishanhloko uqale wathi uMnyango wezeMfundo uyaluphenya lolu daba nokwagcina kuvela ukuthi uqamba amanga.
Ngokusho komndeni kaSimphiwe, ingane ishaywe wuthisha esikoleni.
“Sabizelwa esikoleni uthishomkhulu wasitshela ukuthi iDepartment of Education iliphenyile icala kwatholakala ukuthi isikole asigcobho nokwaholela ekutheni sivule icala ngokwethu,” kusho uLindiwe Nxumalo ugogo womgilwa.
UNxumalo unxuse abazali ukuthi banake kakhulu impilo yezingane zabo, ikakhulukazi uma ziphuma esikoleni.
“Abazali abakukhuthalele ukuthi babheke izingane zabo uma zibuya esikoleni ukuthi azilimele yini, ” kusho uNxumalo.
UNxulalo ulandise ukuthi umsolwa wacela ukuthi kube nomhlangano eWimpy ukuze axolise kubazali bakaSimphiwe.
Ngenxa yokusabela ukuphepha kwabo uthi banqaba.
Umsolwa kuthiwa wakhipha u-R50 kuphela wokuyisa umgilwa esibhedlela iWentworth kodwa bayinqaba leyo mali.
Ngaphezu kwalokho kuthiwa waqamba amanga wathi izingane bezidlala umacashelana ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Lo thisha uphinde wasolwa ngokubhebhethekisa udlame ngokutshela abanye abafundi ukuthi uma kwenzeka engasabonakali esikoleni kwaziwe ukuthi uqanjelwe amanga uSimphiwe.
Lesi senzo kuthiwa siholele ekutheni umgilwa aphenduke isisulu kwabanye abafundi.
Umndeni kaSimphiwe uvule icala ngokusemthethweni ngoSeptemba 13 okwaholela ekuboshweni kukathisha.
ISouth African Democratic Teachers Union (SADTU) yangenelela ngemuva kokuboshwa kwakhe.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uthe abazali balubika udaba kumanje lusezandleni zabo.