Ezokungcebeleka

Lusemaphoyiseni elomsakazi weGagasi FM obebhaxabulwa yisoka

KUCHITHEKE bugayiwe kuvela izindaba zokuthi umsakazi weGagasi FM, uNonjabulo “Njabs” Zwane uyaphela induku.

Kumanje lo msakazi oshayela uhlelo iLift Off kusukela ngo 9-12 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu uwotha ubovu emuva kokuvela ukuthi ubophise obeyisoka lakhe ngezinsolo zokumthela induku.

UNjabs usola unontandakubukwa wasezinkundleni zokuxhumana, uMusa Khawula, okunguye oqhumbuse ithumba.

Uhluleke nawukuzibamba ngenxa yokudinwa waphendula ku-X, etshela uMusa ukuthi akamthumanga ukuthi avezele izwe izindaba zakhe zangasese. Ube esemyalela nokuthi acishe yonke imibhalo.

UNjabs uthe: “Ngicela ucishe yonke into oyibhale ngami. Angikucelanga ukuthi ukhulume ngaleli cala noma ukungikhulumela. Lokhu kungukudalula izindaba zami zangasese ngaphandle kwemvume, ikakhulukazi ngoba lolu daba lusenkantolo,” usho kanje.

Eqhuba uNjabs uthe: “Ungizwisa ubuhlungu ngoba ujahe ukuthi kukhulunywe ngawe. Impilo yami le, ngicela uyiyeke le nto. Awubuqondi ubungozi ongifaka kubona ngale nto,” kuqhuba yena.

Ethintwa, uNjabs yiSolezwe ushaye ngezimfushane wathi ucela ukungaphawuli ngalolu daba. Noma intatheli isikhuluma igxila ngokushiwo wuKhawula, nemininingwane yalokhu kuhlukunyezwa okuvelayo, akaphikanga lutho futhi wangavuma lutho, wahlala ekutheni akafune kuphawula.

“Okunye ngicela wazi ukuthi angikuniki imvume yokuthi ushicilele izithombe okungenzeka ube nazo mayelana nokushaywa kwami ngenxa yokuthi ziyingxenye yobufakazi futhi zisedokodweni njengobufakazi kuleli cala,” kusho uNjabs.

UMusa Khawula uyaziwa ngokukhininda izindaba zosaziwayo abanye baze bambophe.

Abantu bebebuza ukuthi osaziwayo bamsabani kanti uMusa njengoba ezibhalela yonke into ngabo kungabi ndaba zalutho.

Iningi belinxusa uNjabs ukuthi akambophe. Abanye bebebuza ukuthi utheni kanti ukuze bamkhuze? Kukhona nabathe akayekwe vele uzobhala kuphinde kudlule.

Related Articles

Back to top button