Kuhlangane amanzi namafutha kushadelwa oMaskandi
Bahle Mkhize
KUGQAME ubumbano phakathi kwezinsizwa okwaziwa ukuthi azidli ogqokweni olulodwa kugcagcelwa abaka Maskandi.
Phakathi kwabo kubalwa uNgizwe Mchunu obonakale exhawulana noKhuzani Mpungose eMandaba.
Lokhu kwenzeke odwendweni luka Thibela “Ntibane” Mpungose wamnika ngisho ithawula lokusula ubuso.
Okunye okugqame kakhulu ukuxhawulana kwegindangoma likaMthandeni uMshovo Gazu noThibela njengoba nabo bengabhekani.
Kwenzeka lokhu nje nesimo sezulu besingesihle njengoba bekunamakhaza ashubisa umkantsha nemikhizo yemvula.
KwaMaphumulo bekukuhle kudelile ziwushaya kumculi kaMaskandi u-Ali Mgube namaciko efike ngobuningi babo ezomeseka.
Okuthuse abantu kakhulu wukuthi uMthandeni uhlukase phakathi ezakhe, yena wayoseka uAli, wathumela uMshovo, Shilisi, noTekisi ukuthi beyokweseka iNtibane eMandaba nokuyilapho uMshovo efike waxhawula iNtibane.
Abanye abaculi bakhethe ukungayi lapho bebeqashwe khona kodwa bayokweseka la maciko.
“Isixoliso kuMaspala waseMfolozi izolo asikwazanga ukuzonandisa khona.
Besiyokweseka nazi izinsizwa ezimbili uMgube neNtibane siyibandla cha ziwushaye kamnandi kulaba bhemu neqhwa libahloniphile,” kuxolisa uMthandeni.
Kubaculi abagqamile ababekhona kwaMaphumulo kubalwa uNtencane, Gadla Nxumalo nabanye.
Kube yisimo esifanayo eMandaba, lapho bekugcagcelwa khona umfowabo kaKhuzani, odume ngoNtibane.
INtibane iphinde ibe iqidangoma kuKhuzani.
Udaka obelungamnike thuba esibayeni egiya alumthenanga amandla.
Kuphinde kwajiya kutheleka uKhuzani kungazelele nobekade ehambele eDubai lapho abeyonandisa khona ngoSeptember 20.
Ubuyele ukuzokweseka uNtibane waqede wabuyela umuva njengoba ngoSeptemba 24 ezocula eNew York City.