Izindaba

ISilo sigqugquzela ‘ukutotoswa’ kwabantu bangaphandle 

ISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sigqugquzele Ubuntu esizweni sayo nokuthi sikwazi ukufukamela abanye abantu abaqhamuka ngaphandle.

ISilo sithe uma kukhona abantu bakwamanye amazwe abafika eKZN, kufanele batshelwe ukuthi KwaZulu kuphilwa kanjani nokuthi kuneNkosi ebusa lesi sizwe.

INgonyama yamaZulu iyaziwa ngobudlelwano obuhle namakhosi asezwenikazi lase-Africa.

Kumakhosi azwana nawo kakhulu kubalwa inkosi M’mbelwa V wobukhosi baseNgoni eMalawi.

NgoJulayi iNkosi uM’mbelwa V wayememe iSilo uMisuzulu kumcimbi omkhulukazi Umthetho Cultural Festival kuleliya zwe.

INdlulamithi ibikhuluma ngesikhathi yethula inkulumo emcimbini woMkhosi weLembe, eStanger High School KwaDukuza, ngoMsombuluko.

Lo mkhosi waminyaka yonke wenzelwa ukukhumbula iLembe njengombumbi wesizwe samaZulu, waqalwa iSilo uBhekuzulu kaSolomon ngo-1954.

“Kuningi abeLungu abakubhala okungelona iqiniso ngeSilo uShaka kaSenzangakhona. Ngisho uHulumeni wengcindezelo owawungabafuni abantu abamnyana wadlala enkulu indima ukusabalalisa imfundisoze ngeLembe,” kusho iNdlulamithi.

INgonyama yesizwe samaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini siyalele isizwe ukuthi sihloniphe Amakhosi aseNdlunkulu.

“Ngiyazi ukuthi Amakhosi aseNdlunkulu athwele kanzima, nani ngiyazi ukuthi nithwele kanzima. Asizameni bakwethu sizwe saMageba ukuthi sibambisane kahle namakhosi ethu,” kubeka ISilo uMisuzulu.

Iqhuba iNgonyama ithe buhle uBukhosi ngoba iNkosi ayiphumi emva kweminyaka emihlanu. Yathi kuhle ukuba isizwe sikaMageba sibe nobudlelwano obuhle naMakhosi neZinduna.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini siphinde sakhomba ngenjumbane abeLungu esibasola ngokuphendula umlando weLembe ukuze libukeke njengondlavini esizweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSilo Goodwill Zwelithini kaBhekuZulu wazwakalisa ukungenami ngabantu bokufika kuleli ngo-2015.

Kwakusemcimbini owawuso Phongolo.

“Abaholi abaningi bezepolitiki abafuni ukukhuluma ngalokhu ngenxa yokusaba ukuthi bazolahlekelwa amavoti. Njengenkosi yamaZulu angizokubekezela ukuholwa abantu abangenamgogodla,” washo kanje.

Related Articles

Back to top button