Izindaba

Amaphoyisa ase-Eastern Cape adubule abulala abasolwa abane

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape esehamba ezinyathelweni zamaphoyisa akwaZulu-Natal ngokuvulela ngenhlamvu ezigebengwini ezihlomile.

Ezika Lieutenant General Nomthetheleli Lillian Mene zidubule zabulala abasolwa abane eKeiskammahoek khona kulesi sifundazwe.

Omunye umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela emuva kokulimala kanzima.

Abasolwa batholakale nezibhamu ezine imoto eyebiwe nejacket yamaphoyisa.

Laba solwa babulawa nje bathinteka ezigamekweni zokufuna imali ngo”dli” kosomabhizinisi egameni “lokubavikela”.

Okhulumela amaphoyisa uSiphokazi Mawisa uthe abasolwa bebeyingxenye yezigebengu ezithumba abantu nezivame ukufuna imali kosomabhizinisi ngoshova.

Ngasekuqaleni kwenyanga kaSepthemba uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane uveze ukuthi sekuvulwe amacala angu-36 okufuna imali ngenkani kubantu.

Bese kuthi abasolwa abangu-31 abalumbaniswa nalamacala baboshwa.

Lokhu kulandela ukwethulwa kwenombolo yamahhala okufonelwa kuyo ngenyanga edlule ukubika lamacala.

UMabuyane wathi bafuna ukushanela labo abaqhuba lolu hlobo lobugebengu ngoba kubaphindisela emuva ngisho nabatshali zimali bazobaleka ngoba bazizwa bengaphephile.

Related Articles

Back to top button