Izindaba

Isidumbu sowesifazane kwimfucuza

SEKUTHOLAKALE isidumbu somuntu wesifazane sicindezelwe imfucuza eBroadwalk Urban Village, eMidrand.

Lo wesifazane utholwe ithimba labezimo eziphuthumayo eGoli i-Emergency Management Services (EMS).

Kuyaqala ukutholakala kwesidumbu njengoba ishe yangqongqa lendawo ngoLwesibili ebusuku.

Kudingeke ukuthi izisulu zitholelwe indawo yokufihla ikhanda okwesikhashana.

Kule ndawo bekunezindlu ezingu-130 kanti iphethwe iMafadi Property.

Okhulumela iJohannesburg EMS uXolile Khumalo uthe bathole isidumbu sicindezelwe infucuza edilike ngesikhathi sesigameko.

“Umzimba womuntu wesifazane utholwe ngaphambi kokuthi kushone ilanga ngoLwesithathu,” kusho uKhumalo.

Omunye wabahlali okhulume nabezindaba kodwa wacela lingadalulwa igama lakhe uthe: “Kuphoqeleke ukuthi sibe ondingasthebeni kusukela ebusuku bayizolo. Silinde umnini webhilidi ukuthi asinike umkhomba ndlela ngoba sishelwe yiyo yonke into. Akukho la singathathwa khona ngoba asinabo ngisho omazisi,” usho kanje.

Owesilisa ogileke nomndeni uthe yena unkosikazi wakhe nengane yabo yimfana eneminyaka eyisikhombisa bebesalungisela ukulala ngezikhathi zabo 21:20 kusuka isigameko.

Ngizwe abantu bekhala ngavula ifastela, ngikhangwe iklobe lomlilo sekunesibhudubhudu.

Ngitshele unkosikazi ukuthi angatatazeli mina ngizophuma ngewindi yena bese engiphonsela ingane,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button