
Udilikajele kumzukulu odlwengule ugogo wakhe (70)
Philasande Luthuli
UMLISA oneminyaka engu-28 ubudala ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula ugogo wakhe ngoLwesithathu.
Imibiko ngaleli cala iveza ukuthi isaguga esineminyaka engu-70 ubudala, besisekhaya laso eBlaaubosch, Osizweni, enyakatho nesifundazwe nyakenye, ngesikhathi sinukubezwa.
Kuthiwa umzukulu wathola intuba yokugila lomkhuba ngesikhathi isaguga sicela ukuvulelwa isango.
Eselivulile isango ugogo waya kolala egumbini lakhe nokuyilapho ke amulandela khona wafike wamubhudukeza wamudlwengula.
Lowesilisa usevele izikhathi eziningana enkantolo yesiFunda yaseMadadeni ngaphambi kokuthi alahlwe yicala wagwetshwa udilikajele.
OSizweni indawo ehlale isematheni ngokugwetshwa kwabantu besilisa kanzima ngenxa yamacala okudlwengula.
Ngonyaka ka-2021 icala lowesilisa (34) owadlwengula isalulazi esineminyaka engu-62.
Leli cala lalenzeke ngo-2019.
Khonamanjalo, owayeyisosha ugwetshwe udilikajele ngecala lokuzama ukubulala nokudlwengula intombi ayethandana nayo.
Kuthiwa baya ocansini owesilisa evele azi ukuthi uphila nokufa wagcina emthelela ngalo lo wesifazane.
ULeon Santos Conga ugwetshwe eNkantolo yeMantshi ePitoli eyamthola enecala ngoJuni.
Umgilwa, u-Antoinette Ndishishi, obemelwe wuphiko lwezokushushisa lwe-AfriForum wabika lolu daba kulo ngo-2018.
I-AfriForum yaphoqa iSouth African National Defence Force (SANDF) ukuthi ikhiphe umlando wezempilo kaConga owaveza ukuthi wayazi ngokuthi unegciwane kusuka ngo-2007.