
IKaizer Chiefs igqilaze Usuthu eMabhida
UMDLALO obushisa bhe weBetway Premiership ugcine uphele ngo 3-1 kunqoba iKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium.
Kube namabhola amabili AmaZulu FC azishayise epalini abezojika umphumela ngesikhathi eshaywa yiKaizer Chiefs ngoLwesithathu ebusuku.
IChiefs isheshe yazibeka endaweni engcono njengoba ihubhe AmaZulu aze awayisa ekhefini ehamba phambili ngo 3-0.
Amagoli eChiefs eze ngoRanga Chivaviro ngomzuzu ka-11, Gaston Sirino ngoka-14, noMiguel Inacio ngoka-23.
Ngemuva kwalokho iChiefs beyingashaya okungenani amanye amabili kuyiwe ekhefini isiqedile ngalo mdalo.
Njengoba eye ekhefini imisila ingaphansi kwemilenze AmaZulu, bekubhekwe iChiefs iqhubeke la ibishiye khona.
Kodwa kucace ukuthi kukhona umqeqeshi woSuthu acebise ngakho abadlali, babuya sebedlala kangcono futhi bengasayisabi kangako iChiefs.
Isheshe yalithola igoli ngesikhathi uGodpower Ighodaro ebhakuzisa inethi ngomzuzu ka-47.
Ngemuva kwalokho kubenamabhola amabili azishayise epalini esemdlile uFiacre Ntwari obesezintini zeChiefs.
Ukube lamabhola agcine esenethini, ngabe kukhulunywa olunye udaba kumanje.
Abanye ke bazokhala ngokuthi namagoli adle Usuthu kube ngenxa yokungabi namava kukanozinti wawo u-Olwethu Mzimela.
UCijimpi ubeqoke ukuqala ngaye njengoba uVeli Mothwa ehlelwe yifomu muva nje, kanti lokho kubonakalile.
Amakhosi kuzomele azibambe ziqine emdlalweni olandelayo nengoba ezothola isivivinyo esinzima kwiMamelodi Sundowns.
Lo mdlalo uzoba seFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama kanti elizonqoba liyolala liqhwakele kwilogi.
Eminye imiphumela: Golden Arrows 0 Magesi 1; SuperSport United 1 TS Galaxy 0; Stellenbosch 3 CT City 0; Sekhukhune United 1 Chippa United 1
Lisenethini.co.za