
Ikhehla kwivideo yocansi nomzukulu
IKHEHLA laseMpophomeni, eHowick, okuputshuke i-video lizithokozisa ngocansi nentombazane okukholakala ukuthi ingaba umzukuku libalekele esiteshini samaphoyisa.
Intombazane kuthiwa ineminyaka engaphansi kwa-16 ubudala.
Libaleka nje leli khehla kuthiwa beliziphephisa olakeni lomphakathi obufuna “ukuxoxa” nalo.
Lesi sigameko esinyakazise umphakathi kuthiwa senzeke ngeSonto umphakathi wavuka umbhejazane unikela emzini wale ndoda okuvele ukuthi ineminyaka eyevile ku-60.
Ithumba liqhume ngoLwesihlanu kuputshuka i-video izitika ngocansi nomfundi yabe isisabalala ezinkundeni zokuxhumana.
Ilungu lomphakathi elihlala khona endaweni elingathandanga ukudalulwa lilandisa Isolezwe, lithe ngendlela le ndoda ebithenjwe ngayo emphakathini, kuwethusile ukubonakala kwe-video yayo yenza amanyala.
“Uwumuntu ozihlalela yedwa kubo, kanti bakhona abebembuza ukuthi njengoba esekhulile kungani engethathi unkosikazi kodwa ubelokhu engena ezintangeni kanti yena uyazi ukuthi wenzani. Izingane zethu zamantombazane ezincane aziphephile, besifisa ukuthi aboshwe ajeze ngoba lesi senzo sifaka indawo yangakithi ehlazweni,” lisho kanje.
Ilungu lomphakathi lithe akaqali ukunukeka ezenzweni zokunukubeza ngokocansi, eminyakeni eyishumi eyedlule wayesolwa ekunukubezeni ezabafana kodwa icala elalivuliwe lagcina liphela.
Kwi-video, kubonakala intombazane ebusweni ingakuthokozeli okwenziwa kuyo ngesikhathi leli khehla liyiphenduphendula.
Lokho kungenzeka ukuthi kwenze amanye amalunga omphakathi asole ukuthi kwakungayona intando yentombazane kodwa yayikhohlisiwe ngokunikwa okuthile noma yayiphoqiwe.
Noma kunjalo, elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi ngesikhathi kuhlaselwa le ndoda, intombazane iveze ukuthi bayathandana.
Igxeke nomphakathi ngokugxambukela ezindabeni zabo.
Kuthiwa ngesikhathi eziphendulela owesilisa, uveze ukuthi intombazane ineminyaka ewu-20 ubudala.
Kuthiwa uphinde waveza ukuthi baneminyaka emithathu bethandana futhi kuyaziwa nakubo.
Ecacisa ngokusabalala kwe-video yabo bezitika ngocansi, kuthiwa uthe ulahlekelwe yiselula yakhe ngoLwesihlanu, usola ukuthi abayitholile yibona abasabalalise le video.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, uqinisekise ukuthi kalikho icala elivulwe emaphoyisenia seHowick, nawaseMpophomeni.