
Ayabuya amakhaza nokukhithika okubulale abantu eKZN
ITHIMBA elibhekele izinhlekelele esifundazweni sakwaZulu-Natal selixwayise ngamakhaza ashubisa umkantsha nangase ahambisane nokukhithika kweqhwa ngesonto elizayo.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uthi lesimo sezulu esingesihle silindeleke ngoMsombuluko noLwesibili ngesonto elizayo ikakhulukazi ezintabeni zoKhahlamba.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule ukukhithika kweqhwa kudlule nemiphefumulo yabantu ababili. Lezi zisuku zaqhuqhwa amakhaza zaze zashona ngesikhathi zivaleleke emgaqweni uN3 ngaseVan Reenen.
Okhulumela uMnyango uSenzelwe Mzila uthi kumanje amathimba ezinhlekelele asebenzisana noMasipala kanye nezinye izinhlaka ukulungiselela noma yiziphi izigigaba ezingalethwa yilesimo sezulu.
Baningi abantu abavaleleka kuN3 phakathi kweMooi River neHarrismith okubalwa nomsakazi weJozi FM uPenny Ntuli.
“Aphi amabhanoyi ukuzosiza, siyazi ukuthi nemvula iyeza abantu bazomuka kunezimoto okukhona kuzo izingane. Selokhu beshushwa amakhaza kusukela ngoLwesihlanu. Emuva kwethu kunowesifazane okhulelwe ohamba yedwa nemoto izikhiyile izicabha. Ngikhulekela singezwa ukuthi sekunezidumbu eziphumile. Umbuzo omkhulu kungani àbamatoll gate bangakhiphi izindiza ezinophephela emhlane ukusiza àbantu. Kungani sikhokha emgaqweni kodwa usizo singalutholi,” kubuza uPenny Ntuli?
Lesi simo saholela ekutheni kuvalwe umngcele iSani Pass ophumela eLesotho ngenxa yeqhwa.