Ezokungcebeleka

Usaziwayo ugubhe elokuzalwa ngokudedela i-EP

Sihle Mkhize

Ugubhe usuku lokuzwalwa ngestayela uThuli Phongolo oliqondanise nokukhipha i-EP entsha.

Lo phumalanga sikothe ubekhuluma emsakazweni iRadio 2000 ngezinhlelo  zomculo nemuva lakhe endimeni yezokungcebeleka.

UThuli uthe ujabule ufile ukuthi ngosuku lwakhe lokuzalwa udedela i-EP yokuqala ngqa.

“Ngibungaza usuku lwami lokuzalwa futhi ngethula i-EP, lokhu kuzongehlisela izindleko nesikhathi. Kuyangijabulisa ukuthi ngibungaza nabezindaba, nethimba lami”

“Ngikhula ngangihlezi ngikulangazelele ukuzama izinto ezahlukene. Ngiyabonga ukuthi konke ngikuqale ngisemncane. Ekukhuleni kwami ngigcine ngibonile okuyikho okungisebenzelayo,”

“Ngazi ngisemncane ukuthi ngifuna ukuba sendimeni yezokungcebeleka. Ngesikhathi ngithola ukuthi uyakwazi ukuphila kwezokugcebeleka, yilapho ngazitshela khona ukuthi yikho lokhu engifuna ukukwenza”

Ephendula imibuzo mayelana nokuxoshwa kwiGeneration abe yingxenye yayo uthe:

UThuli wayeqale nethimba lokuqala ezodlala indima yokuba udadewabo kaJason kodwa kwagcina kungenzekanga.

“Uma ngavela okokuqala ngangingeke ngilithole ithuba lokulingisa uNamhla. Kwaba uguquko nje ngoba ngasebenza nethimba lokuqala nelesibili futhi sase siqala phansi,” usho kanje.

UPhongolo useneminyaka engu-32 yobudala.

Khonamanjalo, kubukeka sengathi izinto zimhambela kahle nasothandweni njengoba ezakamuva zithi yena noDJ Maphorisa sebebuyelene.

Labo bobabili babengamathe nolimi kodwa ngenxa yezinkinga zasemjolweni uthando lwabo kwagcina kuphuzwa ngalo itiye ngo-2023.

Abantu abasondelene nalaba bobabili batshele abezindaba ukuthi uPhongolo ucele uMaphorisa ukuthi amboleke imoto yakhe ayithandayo ebomvu yohlobo lweBMW 325, edume ngelikaGusheshe, ukuze aqophe ivideo yakhe yomculo. Nebala uMaphorisa akapholisanga maseko wafika.

Related Articles

Back to top button