EzokungcebelekaMusic

UNaledi Aphiwe ubhekane nosondonzima kuma-Afrima

Sane Mseleku

Umculi osemncane waseNanda, eThekwini, ulindizise phezulu iflegi lase Ningizimu Africa, lapho kade emele elakuleli emcimbini omkhulu i-Afrima ebise eNigeria, eLagos.

Yize engabuyanga nesicoco ekhaya uNaledi Aphiwe kodwa ugcwele injabulo uyachichima. Uziqhenya ngokubhekena ngqo ngezigqu zamehlo nosondonzima bomhlaba njengo Rema.

“Ukuqokwa kuma Afrima kusho lukhulu kimi, kukhombisa ukuthi unyaka ka-2026 usazoba muhle kakhulu. Ukubona igama lami eduze kwamanye amagama ahlonishwa umhlaba wonke, kukhombisa ukuthi nami ngiwumuntu ebantwini.

“Ukusebenza kanzima nokuzikhandla, kuyabonakala kuzala impumelelo.” Kusho uNaledi.

Akukho nje ngezindondo nokuwina kuNaledi, kodwa kungabalandeli bakhe, ubhala umculo ngendlela asuke ezizwa ngayo ngaleso sikhathi, nezimo asedlule kuzo.

Kusukela ebuncaneni bakhe, emakhawayeni esikoleni, esontweni kuya ekuhlomuleni indondo Afro Pop Artist of the Year kuBasadi Music Awards, uhambo lwakhe lube isibonelo sokubekezela nokuzimisela.

“Ngifuna abalandeli bami baxhumane nami uqobo,” kusho uNaledi.

“Kulonyaka sizosebenza kanzima, sifisa okukhulu, sibe senza esikuthandayo, nokusijabulisayo. Ngifisa ukukhipha omunye umculo. Ngifuna ukuba umculi ophelele. Ngifuna ukuhamba amazwe, ngizikhulise,” kuqhuba uNaledi.

Related Articles

Back to top button