
Okuvelile enkantolo nge-2 K ‘elibulele’ abafundi
Lihlehlele umhla ka-5 March kulo nyaka icala lika-Ayanda Dludla (22) obhekene noxhaxha lwamacala.
Ubhekene namacala angu-14 okubalwa elokubulala ngokungenhloso, 3 okuzama ukubulala, elokushayela ngaphandle kwemvume yokushayela egunyaziwe, elokushayela imoto engenayo ilayisensi kanye nelobudedengu.
Namhlanje bekuphume nesinedolo ukuyokweseka imindeni elahlekelwe enkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark.
Amalungu omphakathi, okuhlanganisa nezishoshovu kanye nezinhlangano zomphakathi babhikisha ngaphandle kwenkantolo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kumanje kusabatshazwa inhlekelele yengozi.
Le ngozi engundabamlonyeni yenzeke ngesikhathi itekisi ayehamba ngalo uDludla lishayisana neloli kuDroste Road, eVanderbijlpark ngoMsombuluko mhla ka-19 January kulo nyaka.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGuateng uSteve Mabona, ucashunwe kwabezindaba ethi uzohambela imindeni yabafundi abashone kulandela ingozi enyantisayo ngoMsombuluko ekuseni.
“Sizohambela imindeni elahlekelwe siyazi kunomndeni oshonelwe abantwana ababili sizoqala lapho bese sidlulela phambili,”



