
Uphele emehlweni ekakiwe uMoyo ozingelwayo
Uphele emehlweni umsolwa ofunwa phansi phezulu amaphoyisa.
Abakwasidlodlo esifundazweni saseGauteng sebeqinise umkhankaso wawo wokuthungatha umlisa oyingozi uJabulani Moyo, ophunyuke okwesibili ekuboshweni
Uphunyuke evinjezelwe eCosmo City, eGoli kulandela ukuthi amaphoyisa ethole umkhondo wokuthi bahlela ukubamba inkunzi amabhizinisi aseFairland naseHoneydew.
UMoyo weqa okokuqala esitokisini ngo-Agasti, uphinde wakwazi ukuphulukundlela abaleke amaphoyisa esemvalele ekhoneni ngoMgqibelo.
Ngesikhathi lo msolwa ebaleka abangani bakhe betholane phezulu namaphoyisa ngenhlamvu ngebhadi oyedwa wafa omunye waboshwa.
UMoyo usolwa ngokubulala abaseshi ababili ngesikhathi eqa okokuqala evenini yamaphoyisa eyayimthutha eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort.
Iziphathimandla zixwayise kaningi ukuthi uyingozi kakhulu.
Umklomelo wangaphambilini ka-R150, 000 owanikezwa yiBamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa usasebenza ukuze uthole ulwazi olungaholela ekubanjweni kwakhe.
Ngesikhathi amaphoyisa epequlula athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni okuyi-AK 47 nepistol.
Amapholisa akhuthaza umphakathi ukuthi ubike ngokushesha uma kwenzeka ubona uMoyo ungasondeli kuye.



