
Kuxwayiswa ngezingozi emgaqweni eshelelayo
Aphelele Cebekhulu
Kunxuswa abashayeli bezimoto ukuthi bashayele ngokucophelela emgaqweni njengoba kushelela ezindaweni eziningi kulandela imvula elokhu iyidliva.
Kusukela ngoMgqibelo kusihlwa imvula ilokhu iyidlive njalo.
Lesi simo esibi sezulu sesiholele kwingozi ebandakanya izimoto ezimbili ngasepulazini lezinkomo lakwaNxumalo emajikeni abheke eShowe ku-R66.
Abashayeli baxwayisa ngenkungu ejwayele ukukhasa phansi kule ndawo.
Isimo somgwaqo sesibuyele kwesejwayelekile kanti awukho umphefumulo oswelekile.
Khonamanjalo sekubikwe ukuthi le imvula enamandla isidale izikhukhula eBoksburg, eGauteng.
Iyaqhubeka ukuna ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal, Gauteng, Limpopo, Mpumalanga, North West, Northern Cape naseFree State.
Izangoma zezulu zakwaSouth African Weather Service zixwayise ngokuthi ingase idale umonakalo omkhulu kwezinye izindawo.
Khonamanjalo, kushone abantu abayishumi kwathi abanye abangu-30 balimala kanzima ngesikhathi kushayisana iloli nebhasi emgwaqeni u-N8 phakathi kweBloemfontein neBotshabelo ngoMgqibelo.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo eFree State uSipho Towa uthe abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela zendawo.
“Abomthetho okuhlanganisa namaphoyisa ophiko oluphenya ngezingozi basendaweni yesigameko, bathintwe ngezithuba zabo-06:35 ekuseni engozini eyenzeke ku-N8 ebandakanya ibhasi elivale iloli ngemuva”
“Bekunabagibeli abangu-40 nomshayeli webhasi kanye nabangu-10 ngeshwa kwathiwa bashonile endaweni yesigameko. Amadoda ayisikhombisa nabesifazane abathathu. Bayisithupha abalimele kanzima esibhedlela kanti abanye abangu-24 bathole imihuzuko emincane.”
Uthi iningi labagibeli bamabhasi bebephuma eBotshabelo bebeya emsebenzini eBloemfontein ngesikhathi kwenzeka ingozi.



