
Amasosha kutalatiya olufanayo namaphoyisa akuleli
Morgan Ngwazi
Umdidiyeli wamasosha uChief Admiral Monde Lobese weSANDF ukhala esifanayo noLt General Mkhwanazi.
Uthi uMkhwanazi lokhu ayekhala ngakho kwiMadlanga Commission ukuhlakazwa kwePolitical Task Team kuyefana nalokhu okwenziwa kwiSANDF Navy.
Uthi inhloso ukuqeda mgamasosha agade ulwandle bese kugadiswa izinkampani zonogada bangasese.
Umdidiyeli uthi njengoba uhulumeni ethi akanayo imali kodwa uzoba nayo uma sekungene lezi zinkampani.
Uveze nokuthi uhulumeni useke wazama ukuthumela izinkampani zonogada bangaphandle kodwa bashaya phansi ngonyawo.
Uqhube wathi njengoba kuthiwa imali ayikho yokuthenga konke okudingwa amasosha ukuvikela izwe kungathiwani uma kungavela ukuthi laba abalandula imali balawulwa ongqondongqondo ekudayisweni izidakamizwa.
ULobese uphinde wahlaba umkhosi ngokungaxhaswa kwezimali kanye nokungakwazi ukusebenza kombutho wezempi wasolwandle kanye nawo wonke amasosha.
Ngokusho kwakhe uthi ezokuphepha zasolwandle zisengcupheni.
Akukhona okokuqala lesi sikhulu samasosha asolwandle siveza lokhu ngokungagwegwesi nangobuqotho nge-SA Navy.
Ekuqaleni konyaka wakhuluma nekomidi lezokuvikela ePhalamende.
Sekunesikhathi uhulumeni engaphansi kwengcindezi yokuthi andise ukusetshenziswa kwezimali kwezokuvikela kusuka ku-0.8% kuya ku-1.5% we-GDP.
ULobese uphinde waxwayisa ngamanzi aludaka ngesikhathi ekhuluma kwiSA Navy Gala ePitoli ngempelasonto.
“Engikubeka kini kulobu busuku nje ukuthi asikwazi ukuqhubeka sithule izingqapheli ngesikhathi izwe lethu liqhwagwa izinja. Kumele silwele umbutho wezokuvikela onamandla, onezinsizakusebenza ezinhle, sicabange ukuthi yini esengozini yokungabi khona kwamasosha asolwandle ,” kuqhuba uLobese.
Uthe ukushoda kwesabelomali kwenze kwaba buthaka ukuphepha kwezwe okuhlanganisa nemingcele yasolwandle athi isengcupheni.
“Njengoba uvala amasango neminyango ulungiselela ukulala, zibuze, ukuthi engabe ulwandle lwethu luphephile?”



