
Kubhubhe abomndeni engozini yomgwaqo kuN2
Liyah Mseleku
Kushone abantu abahlanu ngoLwesihlanu ebusuku nokukholakala ukuthi abomndeni owodwa engozini eyenzeke emgaqweni uthelawayeka kuN2 ngaphambi kokuthi ufike kwibhuloho emfuleni uMzumbe.
Kutholakale ukuthi le ngozi idalwe ukushayisana mahlanze kwemoto iSuzuki netekisi.
Izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kwemithathu nemihlanu ubudala nabadala ababili okukholakala ukuthi uyise nonina wazo bafe ujuqu endaweni yesigameko.
Abanye abalimele baphuthunyiswa esibhedlela esiseduze, okuhlanganisa umuntu wesifazane nengane eneminyaka engu-14 ubudala.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu, uSiboniso Duma, uphefumulile ngale ngozi enyantisa igazi.
“Sidlulisa uludabuka okukhulu emndenini eshonelwe. Sengiqoke ithimba ehhovisi lami ukuthi lixhumane nabaholi okuhlanganisa uSibonelo Cele okumanje usendaweni yesigameko”
“Kulesi sigaba sifisa ukuveza ukuthi ithimba leRTI lizonikezela ngombiko wesikhashana”
UMnyango uthi konke kuzodluliselwa emaphoyiseni akwaSAPS ukuze aqhubeke nophenyo.
Kube sekucelwa abashayeli ukuthi bagweme uN2 njengoba bekusakhucululwa umgwaqo, zonke izimoto zidluliselwa eHibberdene.



