
Ushiya bebabaza ingqovungqovu iSuzuki Jimmy
Sihle Mkhize
Ngihlezi ngihamba ngezimoto ezintsha nezinhle kodwa engikuqaphelile wukuthi iSuzuki Jimmy ithandwa abadala ngisho nodado.
La bengihamba khona bebephenduka nami, izingane ngoba ziyahluleka ukufihla beziphumisela zisho ukuthi “yinhle imoto yakho malume”.
Imoto uma ithandwa nayizingane isuke isingenile emakethe kufana nomculo.
Okuyenza iJimmy yehluke kweyilamayo wukuthi lena isiphuma nezicabha ezinhlanu, kanti eyangaphambilini bekuyi-3 door.
Kumaphasenja angemuva sekulula ukungena nokuphuma ngaphandle kokuphazamisa umshayeli.
Ithe ukweluleka ngama-2,590mm.
Izokumangaza ngoba ngemuva abantu ababili bayakwazi ukuhlala ngokukhululeka.
Ngaphambili ngibone sincane isikhala esihlukanisa umshayeli nephasenja ngoba ayikho ne-armrest.
Ngemuva isikhala sokulayisha impahla singama-211 litres okusho umehluko omkhulu.

Uma izihlalo zilalisiwe isikhala siyanda sifinyelele kuma-332 litres, iluleke ngo-340mm.
Ngiwufakazi bokuvuleka kwayo ngemuva ngoba ngikwazile ukulayisha impahla eningi kwazise ngiye kaningana eGalleria Mall.
Okunye engikuqaphelile injini engu 1.5 litre GLX ekhiqiza amadla afinyelela kuma-75kW kanye netorque engama-130Nm.

Benze umsebenzi omuhle ngokwengeza i-AllGrip okuyindlela yakamuva ye-AllGrip ehambisana nobuchwepheshe besimanje elekelela imoto ngamandla kuwona wonke amasondo.
Ngaphezu kwalokho iphinde ikwazi nokubhekana nezimo ezihlukene zomgwaqo njengoba ine-AllGrip 4×4 drivetrain ephuma ne2WD-High Range, 4WD, High Range ne4WD-Low Range.
Iphinde ibe neHill Descent Control, iHill Assist kanjalo neBrake Assistance. Akulula ukuzwa umuzwa wakho konke lokhu uma ungezoyifaka lapho kuzodingeka khona uyihlome kula magiya njengemigwaqeni yasemakhaya ewubhuqe nezikhinsi.
Ukuphakama kwayo kungama-210mm ilekelelwa kakhulu amarimu namathayi angu-15 inch amathayi awugqinsi 195/80.

Ngejubane lika-120kph injini yeJimny ireva inyuke ifinyelele kuma-300rpm okwenza nomsindo uthi ukuba phezulu.
Kuphetroli inakho ukuthula ngoba emgwaqeni ovulekile icaphuma amalitha angu-6 nengxenye kuya kumalitha angu 7.4 ngebanga lika-100km.
Emgwaqeni ovulekile iyabambelela kodwa iyezwakala ukuthi ifuna umgwaqo ozoyiphonsela inselelo.
Indlela esiguquka ngayo ngisho ezindaweni ezicinene balinyusile izinga kuyo ngoba isingu 114 metres.
Iphelele iqedile ngaphakathi
Ngiyithandile indlela abenze ngayo konke kwaqondana nomshayeli okwenza kungabi lula ukususa amehlo emgwaqeni.
Izihlalo eziyindwangu futhi ezingakubambi ukungcola, isiteringi esigqize ngesikhumba, isikhumba esiqukethe konke esingu-9 inch, esihambisana ne-Apple CarPlay ne-Android Auto, iclimate control kanye nama-airbag ayisithupha, ikhamera ekusiza uma uhlehla.
Ngaphandle iphuma namalambu enkungu. Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala kwande isikhala.
Intengo
- 1.5 GL Manual: R429 900
- 1.5 GLX Manual: R457 900



