
Itwetwe ngabakhokhelwa bengasebenzanga kwethulwa icomplex
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, udonse ngezindlebe osonkontileka abazokwakha iMpolweni Sport Complex eMshwathi ngaphansi koMgungundlovu.
Ubatshele ukuthi bangalinge bavume ukudizela abantu ngemali bengasebenzanga.
UKhawula ubekhuluma ngesikhathi ethula omakhi abazokwakha kabusha le ndawo yezemidlalo ezodla izigidi ezingaphezu kweshumi nantathu.
IMpolweni imaphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Ukwakhiwa kwalenkundla kulindeleke ukuthi kube sekuqediwe ngo-August wonyaka ozothwasa.
UNgqongqoshe uKhawula uphinde wagcizelela ukuthi intuthuko ayikhethi bala lamuntu.

“Akekho umuntu ozofika kimina azonifuna imali. Siyazana emphakathini, uhulumeni uthi asinike amathuba kulabo abawadinga kakhulu kunabanye. Angibazi mina ngowaka Khawula le eMzumbe. Yimina enazanayo neKhansela”
“Ikhansela lenu lizonihola kuze kube ukhetho oluzayo. Kodwa nani maKhansela holani kahle” kusho uKhawula.

UMnuz Sipho Mkhathini omele uMgungundlovu Sport Confederation usike elijikayo ebongela abezemidlalo ngokubambisana okuhle nabaphathi bezwe.
“NjengeSport Confed sijabule kakhulu. Kumele sikubalule ukuthi ukube uMshwati ubungekho beyingeke ikwazi ukusukuma”
“Sibe nenhlanhla besicabanga into eyodwa kodwa siyiqale ngezikhathi ezahlukene.
“Ngesikhathi sesifuna ukuqala kwaba nokubambisana okuyisimanga” kuphawula uMnuz Sipho Mkhathini weMgungundlovu Sport Confederation.



