
Kufe nodado oshayasibhamu bedubula (8)
Aphe Cebekhulu
Kudutshulwe abantu abayisishagalombili eThekwini, eWentworth, kuHime street.
Kufe ujuqu ababili okuhlanganisa nodado.
Abayisithupha baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze belimele kakhulu.
Abazibonele ngawabo bathi kutheleke amadoda amathathu abedlubhe umfaniswano woMasipala weTheku uphelele bavulela ngenhlamvu.
Bathe sebeqedile bashaya bachitha ngemoto emnyama emane yaphela emehlweni.
Akwaziwa imbangela yalokhu kudubula kodwa amaphoyisa asaphenya.
Lishone elangoLwesihlanu bekundiza ibhanoyi elinophephela emhlane iWentworth yonke.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe sekuqalwe uphenyo ngokuphuthuma.
“Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphansi phezulu athungatha abasolwa ababili abadubule bebulala abantu ababili esigamekweni esenzeke eWentworth ngoLwesihlanu”
“Imibiko ithi izisulu bezihlezi ngaphandle kwaseflethini ngesikhathi iMazda 3 ibahlasela. Amadoda amabili aphume avulela ngenhlamvu kubantu abebezihlalele”
“Izisulu zibaleke ngokwehlukana kodwa abasolwa babalandela bedubula. Kufe abantu ababili abanye baphuthunyiswa esibhedlela. Abagilwa babalelwa eminyakeni ephakathi kwa-15 no-22”
Kulesi sigameko kuthiwa kudutshulwe nenja yafa.



