Izindaba

Inzukazikeyi abase Palestine bebalekela eMzansi

Bangaphezu kwekhulu ababaleki basePalestine abavaleleke esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.

La bantu basePalestine babalekela impi yaseGaza bavaleleke endizeni e-OR Tambo amahora amaningi ngoLwesine ngemuva kokuthi iziphathimandla zakwa-Israel zinqabile ukugxiviza omazisi babo.

Indiza eqashiwe esuka eNairobi ifike ntambama kodwa abagibeli, okuhlanganisa nezingane kanye nabesifazane abakhulelwe, bavinjwe ukuba behle.

Lokhu kungenxa yemithetho yaseNingizimu Afrika yokuthuthela kwelinye izwe edinga isigxivizo sokuphuma ezweni osuka kulo.

UDkt Imtiaz Sooliman, umsunguli wenhlangano esiza abantulayo iGift of the Givers Foundation, uthe ukwenqaba kuka-Israel ukufaka isitembu samapasi kwakuyisenzo samabomu.

“I-Israel ayizange igxivize ngamabomu ama-passport alaba bantu abampofu ukuze bakhulise ukuhlupheka kwabo kwelinye izwe,” esho.

Ukungaboni ngaso linye kwaxazululeka ngemuva kokungenelela kukahulumeni waseNingizimu Afrika.

UNgqongqoshe Wezangaphandle uRonald Lamola kanye noMqondisi-Jikelele Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe uZane Dangor bacele ukuhoxiswa kwemfuneko yesitembu sokuphuma, okuvumela ababaleki ukuba behle endizeni.

Related Articles

Back to top button