
Unina kaChidimma ufuna ukuxegiselwa imibandela yebheyili
Aphe Gcwabe
Umama kalowo owake wangenela ukuba uzime eNingizimu Africa uChidimma Adetshina ubuyele ngoLwesithathu eNkantolo kaMantshi yaseKapa.
U-Anabela Rungo (46), ozala uChidimma ubeyonxusa inkantolo ukuba ixegise imibandela yebheyili yakhe.
Phambilini ubeke wavela ebhekene namacala okuzenza umuntu okungesiye nokuphula imithetho yokulawula ukuphuma nokungena kwabantu eNingizimu Africa.
URungo waboshwa ngoSeptember ngonyaka owedlule emuva kube nomsindo ezinkundleni zokuxhumana.
UChidimma wahoxa kunobuhle, ngenxa yezinsolo zokuthi amama wakhe wantshontsha ubuzwe bakuleli.
Kuthiwa wantshontsha isitifiketi sokuzalwa sengane yakuleli wabhalisa ngaso uChidimma ngebhadi wabanjwa.
Kwaba nezinkulumo ezaphoqa ukuthi ahoxe emncintiswaneni ngesizathu sokuthi akusiyena owalapha kodwa owaseNigeria.
Lesi simemezelo sokuphinda kwelakubo, saphuma emuva kokuba uMnyango wezasaseKhaya ukhiphe isinqumo sokuthi umama wakhe akuvumelekile ukuphinde alibeke kuleli.
UChidimma wathola isimemo sokuthi angenele umncintiswano wanobuhle uMiss Universe Nigeria.
Iningi labakuleli bathi ababandlululi, bamvotela uChidimma, noma kusanezinkinga. Emuva kwesicoco wakhuluma nabezindaba ngobunzima aseke wabhekana nabo kulolu hambo.
“Ngiyaziqhenya ngokufinyelela lapha, angizange kuphela ngenzele mina kodwa ngenzele iNigeria ne-Africa yonkana. Sekuphele la okwami. Ngifuna ukuqhubeka nezifundo zami, ngizithuthukise,” kusho uChidimma.
ULerato Ngobeni ongosotswebhu ePhalamende kwi-ActionSA wagxeka uMnyango ukuthi umvumele kanjani ukuwela phesheya ekubeni udaba lwakhe lusaphenywa.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



