
Ugwetshwe iminyaka (10) owayeyiphoyisa obezama ukubulala uKhomishana
Liyah Mseleku
Utholwe enecala lokukhanda itulo lokubulala uCaptain Roshanlal Banawo wagwetshwa iminyaka eyishumi ebhadla ejele.
Ngokombiko uBanawo owayengumseshi wayefuna efile uMajor General Francis Lambert onguKhomishana eMzinyathi District.
Kuthiwa wazama ukumyisa kwagoqanyawo amahlandla aze aba mathathu kodwa ehluleka mezinkabi zakhe.
Wabe eseboshwa iKZN Provincial Task Team ngoNovember 2023 emuva kokumlalela unyendle.
Icala lakhe laqala ukuthethwa ngoSeptember wangonyaka odlule kwaze kwaba u-April 2025 njengoba selimlahla namhlanje (Lwesithathu).
Yethula isigwebo iMatshi uTheunis Colditz ithe nakuba ubufakazi bezinkabi ezimbili bungahambisani kodwa kunobufakazi obanele ukuthi uBanawo unecala lokuzama ukulhanda itulo lokubulala.
Inkantolo iphinde yezwa ukuthi kwakhishwa nemali engango R50 000 eyayizohlonyulwa izinkabi emuva ‘komsebenzi’.
Wagqunywa esitokisini uBanawo wahluleka wancama ngesikhathi ezama ukuphuma ngebheyili.
UBanawo waxoshwa ngonyaka ka-2021 emaphoyiseni.
Nakuba wayesekuwo umbutho kodwa wayehlezi esoleka ebugebengwini obuhlanganisa izidakamizwa.
Ababonanga ngaso linye noSlambert oyayefike ngenhloso yokulwa nenkohlakalo masembuthweni wamaphoyisa.
UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, inhloko yaseMajuba, uMajor General Fred Alexander, namanye amaphoyisa abagcwele inkantolo ukuzolalela isinqumo eNewcastle Regional Court namuhla.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



