Ezokungcebeleka

Umnyombo wezinkinga zomlingisi emshadweni

UNKOSIKAZI kamlingisi uSello Maake-kaNcube iveza ukuthi iyona qobo imbangela eyenza umshado wabo ubentekenteke.

Pearl Mbewe uphumele obala okokuqala ngqa ngezingqinamba ababhekene nazo emshadweni wabo osekuphele iminyaka emithathu bekuwo.

Sekuputshuke kaningi izindaba zokuthi umshado ulengela eweni kodwa zibuye zibonakale ezithombeni lezi zithandani zikhombisa uthando.

Okwenze uMbewe aphumele obala ngomshado wakhe isigameko sakamuva lapho kuthiwa ushaywe waze waze wabheja ihlo labomvu ngesikhathi behambele iGrahamstown Festival, e-Eastern Cape.

Enye ingxenye yezinto ezibhalwe uMbewe kwisitatimende uthe: “Ngizoqala ngikuveze ukuthi imina uqobo engidale izinkinga kulo mshado. Ukhumbule ukuthi ngikhuliswe umzali oyedwa okwenza kwesinye isikhathi izinto ngizenze ngendlela yami ngedwa kwazise ngizifundise ngisemncane ukuthi izinto kumele ngizenzele. Lokhu kudale ukuthi sicishe sifike esivumelwaneni sokuthi sidivose noma siqhubeke sincenge,” kuchaza yena.

Ubuye wazisola ngokuthi ubebuye axoxele abangani bakhe izindaba zasemshadweni wakhe.

“Angazi ngempela ukuthi bengingenwe yini ngoba ngadonswa ngendlebe ukuthi umuntu wesifazane akazixoxi izindaba zakhe zangasese kubangani, akukhathaleki ukuthi bashadile noma akunjalo,” usho kanje.

Ubuye wancoma le nkakha yomlingisi ngokuthi yamkhiphela zonke izimfihlo ngayo ngaphambi kokuthi bashade.

Uthe waze wamnika ngisho nama pin code amakhadi asebhange nawamafoni. Uvumile ukuthi uma bexabana ubeze amthuke kodwa uMaake kaNcube akakaze nangelilodwa ilanga ambeke isandla.

Related Articles

Back to top button