Ezemidlalo

Isikhulu siveza okwenze kuqashwe uNabi

Kwande kaZikiza

ISIKHULU seKaizer Chiefs uJessica Motaung sichaza kabanzi ngesinqumo sokuthi uqashwe kanjani umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

Lo mqeqeshi waseTunisia ushiye ukuqeqesha i-ASFAR yaseMorocco wayohlangana neChiefs esekhempini Turkey ngeSonto.

Amakhosi ezodlala neYoung Africans yaseTanzania eBloemfontein Stadium ngoJulayi 28 kumqhudelwano iToyota Cup. UJessica, oyiMarketing Director kwiChiefs, uthe: “Phakathi kwezinto esezibhekile ngesikhathi sithungatha umqeqeshi besifuna umuntu oseke wasebenza e-Afrika nomuntu oqondayo ukuthi iChiefs iyi-brand enjani.

Besidinga umuntu ohlale efuna ukuwina, kanti ngicela sibabongele uJunior Motaung oyiSporting Director noBobby Motaung oyiFootball Manager ngokusebenza ngokuzikhandla basitholela uhlobo lwalo mqeqeshi,” kunaba uJessica.

UNabi uthwele ngeqoma kwazise ugile izimanga eTanzania enqobisa iYoung Africans izicoco zeLigi amahlandla amathathu kanti kwi-ASFAR nakhona uzamile njengoba eyiqedise endaweni yesibili kwiBotola Pro yaphinde yahlulwa kowamanqamu

Kuzo ezithinta iChiefs umgadli wayo u-Ashley Du Preez ugcine eyijoyinile ekhempini njengoba ubeshiywe ngemuva ngenxa yokuthi ulimele.

Lo mgadli owathathwa kwiStellenbosch FC kuthiwa ithimba lodokotela bekilabhu bafuna ukumxilongela ekhempini.

Walimala onyaweni ngesikhathi kudlalwa nePolokwane City FC ngasekupheleni kwesizini edlule.

Related Articles

Back to top button