Sishe sangqongqa isaguga sikhulekela ibhunguka
USADIDEKILE umphakathi waseDladla Village, eTsakani kusha kungqonqa isaguga uLizbeth Sello (73), ezintatha ethandazela indodana yakhe elahlekile, uThomas Sello.
IScrolla Africa ibike ukuthi bese kuphele iminyaka engaphezu kwengu-30 uLizbeth ehlala yedwa.
Kuthiwa ubethandaza nsuku zonke ukuze indodana yakhe ibuye kanti ubesuke ekhanyise ikhandlela njengengxenye yesiko lakhe.
Kusolwa ukuthi umlilo uqalwe ikhandlela, njengoba uLizbeth ubengenaso isitofu noma ezinye izinto zikagesi.
Omakhelwane bakholelwa ukuthi ikhandlela abelisebenzisa ethandaza yilo eliqale umlilo. Isakhamuzi ebesiya emsebenzini ekuseni sibone kuphuma intuthu emzini kaLizbeth sabe sesicela usizo ukuba kucishwe umlilo.
Umngani wakhe, uMary Matshela, uthe isitofu sikapharafini sikaLizbeth saqhuma ekuqaleni kwalo nyaka futhi isitofu sakhe sikagesi besingasasebenzi eminyakeni edlule ngenxa yokulinyazwa ugesi.
ULizbeth ubedla ukudla okuthengwayo kuphela, evame ukuthenga ama-ships amazambane kanye nenyama yenkukhu ethosiwe, kanti ubethola namanzi ashisayo kuMary ukuze aphuze itiye ngeSonto ntambama.
UMary uveze ukuthi uLizbeth ubekhathazeke kakhulu ngendodana yakhe uThapelo Sello, owaduka eminyakeni engu-30 edlule.
“Ubehlala ubusuku bonke ecabanga ngaye futhi avuke ekuseni athandazele ukuthi abuye ephephile,” kusho uMary.
“Ebekade ekufuna nje ukuba indodana yakhe ibuyele ekhaya ngaphambi kokuba ashone, kodwa manje lokho abekusaba sekuvele kwenzeka.”
Umfowabo kaLizbeth uNtlalentwa Sello uthe uzwe ngalezi zindaba ezibuhlungu ekuseni.
“Izingxenye zomzimba wakhe zishile, kodwa ngibona sengathi ubulawe wukuhogela intuthu njengoba ezinye zezinto zakhe eziseduze nomzimba azishanga,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani, uWarrant Officer Lebogang Ramaese, uthe kuvulwe uphenyo kanti uphenyo luyaqhubeka.