Igidigidi uNgqongqoshe McKenzie evala “ompompi”
KUSHAYISANA imibono kubantu baseNingizimu Afrika ngesiphakamiso sikaNgqongqoshe omusha weZemidlalo, Ezobuciko nokuNgcebeleka uGayton McKenzie.
UMcKenzie uthe uzovala ukugibelisa abalandeli abaqavile bayoseka amaqembu esizwe uma edlala imiqhudelwano yaphesheya.
Ngonyaka odlule uMnuz Zizi Kodwa obengu Ngqongqoshe kulo Mnyango waphasisa ukuthi uMama Joy Chauke noBotha Msila bagitsheliswe bayoseka amaBhokobhoko kwiRugby World Cup eFrance.
Kuthiwa uMnyango wakhipha imali ebalelwa ku-R1.3m kanti yagcizelela ukuthi laba balandeli ababizwa ngamaSuper Fans abakhokhelwanga imiholo.
Kepha bakhokhelwa izindawo zokulala nokudla kanti futhi kwakuqala ngqa ukuthi lo Mnyango uthathe lesi sinqumo sokuhambisa abalandeli.
Efika nje ehhovisi uMcKenzie usekhombisile ukuthi uzoshintsha izinto eziningi njengoba kubukeka efuna ukonga imali.
“Senginqume ukukuvala ukugitsheliswa kwama super fans. Lapha ezweni sinabadlali bemidlalo enhlobonhlobo namaciko athwele kanzima ngasezimalini zoxhaso ukwenza imisebenzi yabo. Abanye bathwele kanzima uma kumele bahambe baye phesheya beyomela izwe. Sizoyichaza siyithini le nto yokukhokhela abalandeli? Into esesizoyenza ngale mali ukuyisebenzisa lapho idingeka khona ngempela,” uNgqongqoshe ubhale kanje ku-t wakhe namhlanje ekuseni.
Abantu enkundleni u-X bajabule bafa begcona uMama Joy bethi sekuphelile ukutetemuka noBotha beyolaliswa emahhotela phesheya kwezilwandle.
Kodwa omunye uphume eceleni, wasigxeka isiphakamiso sikaNgqongqoshe ethi abantu abanjengoMama Joy noBotha bafana namanxusa ezwe. Uthe ukuhambela kwabo le midlalo kufana nokuthi nabo basuke bekhona njengoba futhi benogazi, nabezindaba bayabanaka okuyinto ayibona idayisa leli zwe emehlweni abanye abantu. Omunye uthe lesi sinqumo kumele sibuyekezwe ngoba sengathi sithathwe kungacatshangwa kahle. Uthe laba balandeli abazidumise ngokungasali emdlalweni ye-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic, esiyaphela ebholeni lakuleli.
Omunye uthe umfutho abanawo enkundleni becula nabanye abalandeli bamanye amaqembu uyafinyelela kubadlali njengoba basuke bazi ukuthi kunabantu enkundleni ababakhuthazayo.