Ezokungcebeleka

Uvalo ngempilo yomrepha ocwile kwisidakamizwa incika

Phila Luthuli

UMREPHA wakuleli ongaconsi phansi kwabaningi uMthembeni Ndevu, odume ngo-Emtee ungene shi kwisidakamizwa incika.

Lezi zindaba ezishaqisayo zivezwe uzakwabo emculweni uJesse Mollett, odume ngoJ. Molley, kwivideo egcwele ezinkundleni zokuxhumana.

Ukucwila kulesi sidakamizwa esihlanganiswa ngomuthi wokukhwehlela noniminayidi kuholele u-Emtee ekutheni ahlukeke ngisho ukubhala umculo estudio.

Ngokusho kwaJ. Molley kugcine kungasebenzekanga naleli ciko elinezingoma ezijatshulelwa iningi okubalwa esihloko sithi Pearl Thusi, Roll Up, Winning nezinye.

UJ. Molley uthi uhluleka nje u-Emtee wayesekwenze konke kuhlanganisa ukuqasha istudio, imoto eyayizomlanda ekhaya wathenga ngisho iKFC.

“Ngayithenga nencika ukuze bakhululeke bakwazi nokuqaqeka kwazise u-Emtee ungene shi. Kumaseshini amathathu esibe nawe ngesonto eledlule uhluleke ukubhala ngisho umucu owodwa,” kusho uMollett.

Kokunye uJ. Mollett uthi wayemshiya u-Emtee estudio ezama ukumnika isikhathi kodwa okuthusayo wukuthi wayebuya kungekho lutho okubambekayo okubhalwe yileli ciko.

Ngendlela incika eliphindisela impilo ka-Emtee emuva ngakhona, uJ. Mollett uveze ukuthi lo mculi wase Matatiele uhlezi ethuka abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana noma usuke elele.

“Yilokho akwenza kancono manje ukuthuka abantu. Akaze asho nento eyodwa enobuhlakani ezinkundleni zokuxhumana,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button