Izindaba

Udilikajele kodlwengulwe unina ogula ngenqondo 

Sane Mseleku

INKANTOLO yaseNtuzuma KwaZulu-Natal ithole ukuthi indoda ebidlwengula unina iphindelela ongaphilile kahle ekhanda ayinazwelo futhi ayizisoli ngesenzo sayo.

Lomlisa oneminyaka ewu-31 ugwetshwe udilika jele ngesenzo sakhe esinyantisa igazi.

UNatasha Ramkisson-Kara okhulumela abeNational Prosecuting Authority (NPA) uthe lomlisa ubemnukubeza ngokocansi unina izikhathi eziningi.

Lomlisa ubehlala nonina endaweni yaKwaMashu, waqala ukumdlwengula ngonyaka ka-2020.

Emva kwalokho wabe esejwayele ukumdlwengula cishe izinsuku zonke. Unina ongaphilile kahle ekhanda waqala wabika kubantu endaweni, kwangaba khona omsukumelayo.

“Ngesikhathi kuvakashe udadewabo ongahlali kulesi sifunda, umama waqala wakhala wancenga ukuthi aphindele naye emuva uma esehamba ngoba uyanukubezwa. Ngaleso skhathi udadewabo wabe eseyobika emaphoyiseni, wabanjwa umsolwa ngemuva kokuthi unina ekhombile,” kusho uNatasha.

Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, ummeli kaHulumeni uLisa Abrahams uqoqe konke okushiwo ngunina kanye nodadewabo, nobufakazi beform iJ88 kanye nombiko kadokotela wengqondo.

Kwisitatimende esithathwe nguSenziwe Mthethwa enkantolo uthe lesehlakalo siyohlala siyisilonda esingapheli enhlizweni kamgilwa

Uthe sekumele ashintshe indawo ngenxa yesenzo sendodana yakhe, futhi engakhombisi nokuzisola ngekwenzile.

Indodana igwetshwe udilika jele ngecala lokunukubeza unina, yaphinde yangeza inkantolo ngokuthi igama lakhe alifakwe kwangcolile abanukubeza ngokocansi iNational Register for Sex Offenders, kusho uNatasha.

INPA yamukele yaphinda yajabulela impumelelo yecala nesinqumo senkantolo sokuvikela ababuthaka nabangakwazi ukuzilwela emphakathini.

INPA income kakhulu isenzo senkantolo kanye namaphoyisa ngokusebenzisana kuze kube uyaboshwa umlisa.

Related Articles

Back to top button