UKhune ulibuke laze layosithela ibhanoyi elibheke eTurkey
Kwande kaZikiza
AKALIGIBELANGA ibhanoyi u-Itumeleng Khune ngesikhathi iKaizer Chiefs indizela e-Instabul, eTurkey, lapho iyozilolonga khona ngaphambi kokuqala koshikishiki lwesizini entsha.
IChiefs ayiyivuselelanga inkontileka yalo nozinti osehlale amasizini angu-20 kuyo noyisize kakhulu ukunqoba inqwaba yezindebe. Inkontileka yakhe iphele ngoJuni 30.
Sekuvele kaningi imibiko ethi iChiefs imanqika ukumelulela inkontileka njengoba imbona esefanelwe ukusebenza emkhakheni wokukhangisa.
Nokho uKhune, oneminyaka engu-37 ubudala, uthi uzibona esengakwazi ukudlala yize kula masizini amabili adlule ijezi ubeselizwa ngendaba.
Kuthiwa iSekhukhune United esidume ngokungagodoli uma kukhishwa imali isimcuthele lo nozinti owake waba ukaputeni weBafana Bafana eminyakeni eyedlule.
Ikusasa lakhe alaziwa nje eNaturena, maphakathi nesizini edlule ubudlelwane bakhe nekilabhu kuke kwadungeka ngesikhathi elahlwa icala lokungaziphathi kahle.
Kuthiwa wafika ejimini ebukhile, okuyinto eyacasula kakhulu iziphathimandla ezamgweba ngokuthi zimdingise isikhathi eside nokho wabuyiswa sekuyophela isizini edlule.
Kuzobhekwa ngabomvu ukuthi isiphi isinqumo uKhune azosithatha ngekusasa lakhe njengoba sekuzoqala isizini entsha.
Akuyena yedwa uKhune ongayigibelanga indiza njengoba nabadlali abanjengo-Ashley Du Preez, uGeorge Matlou, uTebogo Potsane, uMduduzi Mdantsane noDillan Solomons. Kuthiwa basaliswe ukuthi basalimele
Abanye abantu ababonakele e-OR Tambo Airport beyingxenye ehambayo neChiefs ngoFernando da Cruz, Ilyes Mzoughi no Majdi Safi abazosebenza eduze ebhentshini lokuqeqesha elizoholwa uNasreddine Nabi waseTunisia.
Abanye abazosebenza eduze nalo mqeqeshi elibatshazwayo ikhono lakhe oKhalil Ben Youssef no-Ayman Makroud abazoficana bonke eTurkey.