
Umculi weLekompo ubihlike ebona ‘imama’ enkantolo
Sihle Mkhize
Zehle mi izinyembezi kwisihlabani somculo weLekompo, uLehlogonolo Katlego Chauke, owaziwa kakhulu ngoShebeshxt evela enkantolo ngoLwesine.
Lo mculi (31) omnyamanambana kwabanye ngenxa yokuzithwala nokushaya abalandeli ulwelwa ukuthola ibheyili nokesudonse izinyanga ezinhlanu.
UShebeshxt wodumo lwengoma iRato Laka ubihlike ebona intombi yakhe uKholofelo Chuene ozwakale embiza ethi “sthandwa sami” phakathi enkantolo.
Ummeli wakhe uMichael Khumalo ulwa ngayo yonke indlela ukuthi adedelwe kodwa inkantolo ilokhu imchitha.
UKhumalo utshele inkantolo ukuthi ukuvalela uShebe kubeka impilo yalo mculi engcupheni njengoba kumele ayohlinzwa umlenze.
Uthi okulandela lokhu umlenze waShebe uzogcina usukhubazekile.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mculi walimala kanzima engozini yemoto eyagcina idlula nomphefumulo wendodakazi yakhe u-Onthatile ngoJune 2024.
Isigameko esimfake obishini senzeka ngo-October 2025 eLadama, ePolokwane.
Lo mculi wathusana nabagilwa kwimpi yasemgaqweni wadubula ebhekise kumshayeli wemoto iNissan kuWitklip Street kwalimala nomunye umgibeli.
Umgilwa oneminyaka engu-34 ubudala wadubuleka kabi waphuthunyiswa esibhedlela.
Amacala aShebe agcina esemaningi sekubalwa ukuzama ukubulala, ukulimaza impala, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu nokuvimba umthetho ukuba udlale indawo yawo.
Inkantolo imi kwelokuthi uShebe wenze amacala ekubeni engaphandle ngebheyili kwamanye futhi amacala.
Ithi lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi akawuhloniphi umthetho.
Ukulalewa kwesicelo sebheyili kuyaqhubeka.



