Ezemidlalo

Izigwaze ngowayo iSundowns ilahla amaphuzu

IMamelodi Sundowns ilahle amaphuzu aphelele idlala neStellenbosch FC bebambana ngo 1-1 koweBetway Premiership eLoftus Versfeld.

Igoli layo livalelwe uKatlego Ntsabeleng esiwombeni sokuqala, elokulinganisa leStellies lanamathiselwa uTshegofatso Mabasa esiwombeni sesibili.

Kwenzeka kanje iBhakabhaka edlisa iSundowns ngamapayipi izoqhuthana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.

Bese kuthi Mamelodi Sundowns ivakashele iRichards Bay FC eMhlathuze Sports Complex ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

IDowns ihambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli likaTsiki Ntsabeleng kodwa iStellies yalinganisa seliyoshona ngephenathi evalelwe enethini uTshego Mabasa.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weDowns, uMiguel Cardoso kwale kancane angalibeki ngembaba elokuthi badliselwe uKhulumani Ndamane odale iphenathi.

“Besiwuphethe kahle umdlalo futhi sanamathuba okushaya igoli lesibili, kodwa sangakwenza lokho,” kusho uCardoso.

“Sidedele iphenathi ekugcineni. Kodwa singakhala kuphela ngamagoli esingawashayanga.

“Siqhubekile nokwakha amathuba esiwombeni sesibili, kodwa uma ungawasebenzisi kuyenzeka bese wenza iphutha” usho kanje.

Kuzokhumbuleka ukuthi uTshegofatso Mabasa ohlenge iStellies usevalele amagoli amane emidlalweni engu-11 selokhu ebolekiswe yi-Orlando Pirates kuleli qembu ngoJanuwari.

Umdlali weSundowns u-Aubrey Modiba uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

Related Articles

Back to top button