
Ibambene ngezihluthu phakathi kwa-50 Cent nendodana
Sindiswa Nxumalo
Ingxabano phakathi komculi waseMelika nowusomabhizinisi u-50 Cent nendodana yakhe uMarquise Jackson ishiye abaningi bebambe ongezansi.
U-50 Cent ube sematheni ngemuva kokuthi ethe indodana yakhe eneminyaka engu-27 ubudala isaqhubeka nokucela imali yesondlo, nakuba kuthiwa ithola u-$10,800 (cishe u-R200,000) ngenyanga.
UMarquise ukhala ngokuthi le mali ayanele nokuyinto esibangele ukukhuluma okuningi ezinkundleni zokuxhumana.
Loku kuveze ukukhathazeka ku-50 Cent, ethi impumelelo yakhe ifike nezinye izindleko, yaphinde yamonela ubudlelwano nendodana yakhe.
Uthi uMarquise ukholelwa ukuthi ukuba yindodana yakhe kusho ukuthi akudingeki asebenze.
Uphinde waveza ukuthi wake wamnika ithuba lokusungulela ibhizinisi elingamngenisela imali efika ku-$1 million ngenyanga, kodwa walinqaba.
Le ndaba ibangele imibono ehlukene emphakathini. Abanye abantu bavumelana no-50 Cent, begxeka lokho abakubona njengokuzizwa unelungelo ngokweqile.
Omunye wababeka imibono, uTommy MR, uthe akakholwa ukuthi umuntu anganqaba ithuba elinjalo, ephawula ukuthi intsha yanamuhla ayibongi ngokwanele usizo eluthola kubazali.
Ngakolunye uhlangothi, abanye banikeze umbono ohlukile.
U-Arthur Lofton uthe okulindelekile kungahluka kuye ngokuthi umndeni ucebe kangakanani.
Uthe uma umzali enomcebo odluliselwa ezizukulwaneni, izingane zingakwazi ukujabulela impilo ngaphandle kokukhathazeka, kodwa wagcizelela ukuthi ukuzimela kubalulekile uma umndeni ungenalo lelo zinga lomcebo.
Omunye, u-Infidel Castro, ubuze ukuthi ngabe kudingeka ngempela imali engaka ngenyanga, ethi kunzima ukuyisebenzisa ngaphandle kokuphila impilo ebizayo kakhulu.
Le ngxabano igqamisa inkinga enkulu emphakathini yokuthi umcebo ushintsha kanjani ubudlelwano emindenini kanye nalokho okulindelekile ezinganeni.
Abanye bakholelwa ukuthi imali kufanele inikeze amathuba nokunethezeka, kanti abanye bathi kufanele ihambisane nomsebenzi onzima nokuzibophezela.
Njengoba impikiswano iqhubeka, umlayezo ka-50 Cent uthi, “noma ungaceba kangakanani, kubalulekile ukuthi izingane zifunde ukusebenza nokuzimela, kunokuncika kuphela emalini yabazali.”



