
Ifayela lomjolo lika-DJ Sithelo othenjiswe owaseZim
Sihle Mkhize
Usematheni uDJ Sithelo Shozi (31) waseThekwini emva kokuvela izindaba zokuthi uthenjiswe umshado owesilisa waseZimbabwe.
Uvele besesikebheni noKudzaishe James Magura okuthiwa inkunzi yomkhwabanisi nowaka abantu kwelakubo.
Okunye okuvele ngophoshozwayo uMusa Khawula enkundleni yezokuxhuma iX ukuthi sebevele banomntwna, nokuyingane yesine kobaba abathathu abehlukene.
Kuvela ukuthi ingane yakhe yokuqala wayithola noLord Phil Maseko.
Ezimbili ezalama lezo wazithola no-Andile Mpisane okwaphela ubudlelwano babo sekumuncu.
UDJ Sithelo ubetetmuka entweza e-Italy ngesikebhe nale ndoda yakhe kucaca ukuthi ujabule.
Ukukhuluma kusuke namhlanje ekuseni (Lwesithathu) nalapho eshiye umbhalo ezinkundleni zokuxhumana “…And suddenly I am left-handed.” ohumusheka ngokuthi usenesandla esisodwa kwazise lesi esinye sesinendandatho.
Kuzokhumbuleka ukuthi u-Andile Mpisane owayenguSihlalo weqembu lebhola iRoyal AM ngaleso isikhathi wamala ngoba eshaya amakhala ngengane yabo yesibili wafuna ulibofuzo.
Lokho kwalandela ukuthi aphucwe imoto kanokusho yohlobo lweBMW owayekade ephiwe ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Kwavela ukuthi unina ka-Andile, uShaun Mkhize wafuna ulibofuzo.
Okunye okwakushayisa amakhala wukuthi ngaleso sikhathi uSithelo wayeneminyaka engu-27 u-Andile enengu-20 kanti babeqale ukujola eseyibhobhodleyane u-Andile.



