
Ezishaqisayo ngoMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke
Sindiswa Nxumalo
UMkhuzi wamaphoyisa eMpumalanga osamisiwe uLieutenant-General Daphney udedele ibhomu ngoMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola.
Ekhuluma nabezindaba uthi wafumbathiswa izigidi zamaRandi uMphathi weKaizer Chiefs uBobby Motaung. Uthi wakwenza lokhu ukuze kumiswe uphenyo mayelana necala lenkohlakalo yokwakhiwa kwenkundla yezemidlalo yaseMbombela.
Lokhu kuqinisekiswe nguMajor General Botsotso Moukangwe, okusolwa ukuthi wavuma ukuthi yena noMasemola bathola imali engu-R5 million kuMotaung.
UManamela uthi le mali yayihlose ukuqinisekisa ukuthi akabuyiselwa esikhundleni sakhe futhi amacala enkohlakalo nobuqili abhekene noMotaung angavuki.
Uphinde waveza ukuthi kunokuxhumana phakathi kwamacala kaMotaung necala lokubulawa kuka Jimmy Mohlala, owadalula udaba lokwakhiwa kweMbombela Stadium.
“UMnumzane uBobby Mosiane Motaung kanye nabanye ababili baboshwa base bekhululwa ngebheyili ngenxa yokukhwabanisa okuhlobene nethenda yeMbombela Stadium,” kubika uManamela.
Uqhubeke wathi ifayela lecala lathathwa kuCaptain Nyathikazi owayesebenza eNelspruit SAPS.
Uphinde wathi: “Ngokohlelo, mhla ziyi-11 kuMfumfu 2019, uBrigadier Mojela walifaka kuMshushisi omkhulu woMbuso leli fayela wabe eselibuyisa ngosuku olufanayo. Lokhu kuwukuphazamisa uhlelo ngamabomu. Leli fayela nalo lathathwa esifundazweni nguColonel Moloko.”
Ngakolunye uhlangothi, okhulumela amaphoyisa, Athlenda Mathe, uthi lezi zinsolo zibucayi kakhulu futhi azikwazi ukunganakwa.
Uthi lezi zinsolo kumele ziphenywe ngokugcwele ngokulandela zonke izinqubo ezifanele zophenyo.



