
Owodumo kwiReal Housewives namabhomu ngoMkhokha
Sihle Mkhize
Obengumlingisi woMkhokha: The Curse uMbaliyezwe Ngiba ukhala uyazithulisa ngempatho ayeyithola kwabelingisa nabo athi babemkhalisa nsuku zonke.
UMbaliyezwe obelingisa indawo kaZodwa ubekhuluma kwiYour Life Podcaster Lungelo KM.
“Ozakwethu babengihlukumeza (bullying) kusukela sizilungiselela ukushutha kuze kuyophela”
“Ngangike ngifike ekhaya ngipake imoto zehle mi izinyembezi. Ngakusasa kumele ngivuke ngiye kubo labantu ababengiphathisa okwashekhasi,” usho kanje.
Uthi babemtshela ezinhlamvini zamehlo ukuthi ufika nomqondo weReal Housewives futhi akakwazi ukulingisa.
UMbali uqhubeke nokuchaza ukuthi kwakuba abalingisi abahlonishwayo ababemhleba kubaphathi.
“Abantu engangisebenza nabo babazana nezikhulu futhi behubhuza amanga ngani. Isiteshi sagcina sesithi ngeke sikwazi ukusebenza nami ngoba ngumuntu odala udweshu nokungasebenzeki naye.”
“Bakusho lokho ngaphandle kokuhlala nawe phansi, balalela amahemuhemu nje. Bahlulwa ukuhlala nawe phansi bezwe uvo lwakho kuqala. Amukho umuntu oseke wahlukumezeka njenganami,” usho kanje.
UMbali akamusha lapho kunomsindo khona, ngesikhathi esekwi The Real Housewives of Durbans waba undabamlonyeni ethethisa futhi ehlambalaza unogada kwivideo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Ngesikhathi bethusana nonogada wamtshela ukuthi akafundile akanawo noMatric futhi uhola kancane.



