UMchunu ubhodla ngokubulawa ngesihluku kwaNontobeko
Sane Mseleku
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uyayihlaba uyayihlikiza eyokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, nokuhlazwa ezinkundleni zokuxhumana.
UMchunu uthi akahambisani neze nesenzo esenziwe umufi uSbusiso Ntaka ukubulala ingoduso yakhe uNontobeko Cele (25) obulale intombi yakhe wafaka ivideo kwizinkundla zokuxhumana.
UNontobeko ubulawe ngokunqunywa uqhoqhoqho eMzinto, ogwini oluseNingizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.
Umufi akazange kuphela aziqophe ezivumela ukuthi uyena obulale intombi yakhe kodwa uphinde wafaka nesithombe sesidumbu sentombi yakhe.
Umsolwa utholwe amaphoyisa esihlahleni ezilengisile maduzane nendawo yesigameko.
“Lesi senzo esibi kangaka siyisikhumbuzo sokuthi kuyaqhubeka nokuhlukunyezwa kwabesifazane emphakathini. Isenzo sobundlavini sithunaza ubuntu bethu, asinandawo kuleli zwe.
“Ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngalendlela ebuhlungu akuvumelekile, kuthunaza kuphinde kwehlise isithunzi somuntu,” kusho uMchunu.
“Ukuzibulala kukamsolwa kuvala umthetho ukuthi uthathe izinyathelo kodwa lokho akusho ukuthi siyasivuna isenzo sakhe, noma asizwelani nobuhlungu obuzwiwe owesifazane.
“Umndeni wesifazane, abangani, umphakathi kanye nomndeni wamsolwa, kumele bahlale beqaphile ngesifo sengqondo kwabathandiwe babo.
“Uma ngabe kukhona izinsolo ezibonwayo ngalesifo, kumele kubikwe kwabezenhlala kahle noma kwabanye bomthetho ngokushesha.
“Sizwakalisa amazwi enduduzo kwimindeni nabasondelene nabo ngalesehlakalo. UHulumeni uzozama ngakho konke ukuthi avikele abesifazane kanye nezingane ukuthi bakwazi ukuhlala emphakathini ophephile,” kuqhuba uMchunu.