Kubanjwe ufishi omkhulu ngamacala okubulala eQumbu
Sane Mseleku
KUBANJWE ufishi omkhulu kuboshwa umsolwa owayekade efunelwa amacala abucayi.
Lo msolwa oneminyaka engu-25 ubudala uboshwe ngoLwesibili emini, ekhaya lakhe eMjikelweni, eQumbu, e-Eastern Cape.
UKhomishana we-OR Tambo uMajor General Modishana, uncome amaphoyisa aseQumbu ngokubopha lesi isigebengu esikade sifunwa.
Umsolwa ubefunwa phansi phezulu amaphoyisa ngamacala awenza kusukela ngo-2020.
Phakathi kwamacala abefunelwa wona kubalwa elokubulala ephindelela, nokuba nezibhamu ezingekho emthethweni kanye necala elisha lokuzama ukubulala okuthiwe ulenze kule nyanga.
Wonke lamacala kuthiwa wawenza eQumbu.
Amaphoyisa athole umkhondo wokuthi ukuphi umsolwa, nebala aphikelela khona lapho afike amxhakathisa.
Amaphoyisa athole izibhamu ezingekho emthethweni, i-AK 47 nama 9mm Pistol awu-2.
Uzovela enkantolo yaseQumbu maduze.
Zonke izibhamu ezitholiwe bezicishiwe izinombolo zazo kanti zizohanjiswa ukuyohlolwa ukuthi awekho yini amacala ake enziwa ngazo phambilini.
Kuso lesi sifundazwe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuzama ukubulala emuva kokuthi umphakathi obudinwe uthelwe ngezibonkolo uhlasela ubulala indoda (24) eDimbaza, eQonce.
Kuyo le ndawo izolo kugqekeze amadoda abathathu angena endlini edlwengula umama wekhaya aqede ambulala.