Izindaba

Indaba egudwini eyezithandani ephethe ngokufa

Sane Mseleku

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aqinisekisile ukuthi owesilisa uSibusiso Lawrence, lo kade efake kwizinkundla zokuxhumana ukuthi ubulale intombi yakhe, utholakele eshonile.

Utholakale elenga esihlahleni, esengekude nalapho egwaze wabulala owesifazane oyintombi yakhe.

Amaphoyisa bephenya ehlola endaweni yesigameko ngesikhathi emthola esihlahleni namhlanje ekuseni.

Amaphoyisa athe istatimende esiphelele sizobuye sikhishwe.

USibusiso ubedinwe eveva ngesikhathi eqopha ivideo eyiphanyeka kwizinkundla zokuxhumana ebulala owesifazane wasMzinto.

Ufake ivideo yakhe enamachaphazela egazi edinwe egane unwabu ethi “Nozothi nginesihluku, ngizamile, ngisebenza kanzima ngizama ukugculisa lomuntu wesifazane. Ngizamile ukumjabulisa ngilahlekelwe okuningi nemali.

“Kodwa ke wazala ingane okungesiyo eyami ngambekezelela, ngayondla. Wakhathala imina wangala ngoba esezophunyelwa uRAF awuzanyelwa imina. Ngavuma ngamshiya.

“Uthe esebona ukuthi nginomuntu wami ngijabulile, naye enomuntu wakhe, wathi asibuyelane uzomyeka. Waphinde wadlala ngami,” kulandisa uSibusiso.

USibusiso Lawrence Ntaka ubewuthisha efundisa eZiphozethu Primary School kwaDukuza eKZN.

Related Articles

Back to top button