Isihluku uthisha enquma intombi uqhoqhoqho
Bahle Mkhize
KUBATSHAZWA isihluku esenziwe owesilisa obulale intombi yakhe ngokuyinquma uqhoqhoqho wase eqopha ivideo wayinameka ezinkundleni zokuxhumana.
Lo wesilisa obedinwe eveva enamachaphazelo egazi ebusweni kutholakale ukuthi uSibusiso Lawrance Ntaka waseScotburg, ogwini okiseNingizimu yekwaZulu-Natal.
“Nizothi nginesihluku, ngizamile, ngisebenze kanzima empilweni yami ngizama ukugculisa lo muntu wesifazane. Ngizamile ukumjabulisa ngilahlekelwe okuningi nemali. Kodwa ke wazala ingane okungesiyo eyami, ngambekezelela ngayondla. Wakhathala yimina wangala ngoba esezophunyelwa uRAF owazanyelwa yimina wangala. Ngavuma ngahamba ngamshiya. Uthe esebonile ukuthi nginomuntu wami ngijabulile naye unomuntu wakhe wathi kimina asibuyelane uzomyeka. Into ayenzile ukuthatha ifone yami waWhatsApp umuntu wami emkhombisa ukuthi unami. Umuntu wami wangala ngenxa yakhe. Uma sekumele sibuyelane siqhubeke nempilo wangigabha naye ngasala kanjalo. Lo muntu ngimondle enganalutho. Kunoma yimuphi umuntu wesifazane yekani ukuxhaphaza amadoda. Nginqume ukuthi kunokuthi angixhaphaze okuncono asixhaphazane, izimpilo zethu siyaziqeda manje,” usho kanje ekhombisa lo wesifazane elele ebeheke phezulu esicabheni semoto igazi ligcwele izimpahla abezigqokile.
Umufi yena kuvela ukuthi ungowasendaweni, eMzinto.
Le nsizwa ifundisa eZiphozethu Primary School, KwaDukuza, enhla nesifundazwe saseKZN.