Ezokungcebeleka

Bashwebile abebezama imoto yemali eNanda

Phila Luthuli

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal uThami Ntuli, uthi ubugebengu bunyukile esifundazweni, kodwa zikhona ezinye izinhlobo zobugebengu ezehlile.

Udalule nokuthi iziteshi zamaphoyisa iNanda, Plessislaer, UMlazi kanye neDurban Central, zingezinye kwezingu-30 ezweni ezihamba phambili ngezibalo eziphezulu zamacala abikwayo obugebengu.

UNtuli uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini, nalapho ebehambisana khona noKhonishana wamaphoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi.

NgoLwesibili uNtuli uhlomise amaphoyisa ngomacekeceke bezimoto ukuze kubelula ukusebenza kwawo elwa nobugebengu.

Khonamanjalo kulimale kabi unogada ovikele ibhokisi lemali oshayasibhamu begadla emini bebade eDube Village, eNanda.

Ngokwemibiko evela endaweni yesehlo, abasolwa abahlanu bavimbezele imoto yemali enxanxatheleni yezitolo ngo-12h30 ngoLwesibili emini. Kuthiwa abasolwa bebecuthe eceleni kwemoto yemali belinde ukuthi kuphume unogada nebhokisi lemali bese bayagadla.

Nebala kube njalo, kodwa unogada ube nesibindi sokubaleka abuyele emotweni nemali. Udubuleke kabi emlenzeni kodwa wakwazi ukusindisa imali. Kudingeke ukuba kubizwe indiza enophephela emhlani ukuze aphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yobucayi besimo sakhe.

Abasolwa bahambe belambatha.

Related Articles

Back to top button