
UMandela obezenza uMsamariya enyakanyakeni
Umzukulu kaNelson Mandela Inkosi uMandla Mandela, ugcinwe amasosha asemanzini Israel ngesikhathi ezama ukuhambisa usizo eGaza.
Ngesikhathi ebanjwa ube kwenye yezikebhe ezingu-45 eziqhamuka emazweni angu-44.
Leli qembu lamaGlobal Sumud Flotilla, iqembu lezikebhe ezisiza abantu, ngokudla nezinto zosizo lokuqala.
Lezi zikebhe zasuka eSpain ngenyanga edlule.
Lamasosha asemanzini avimbe lezi zikebhe ukuba ziqhubekele phambili, aziphoqa ukuba ziye esikhumulweni sezikebhe kwa-Israel.
Kuthiwe lezikebhe beziqonde lapho kukhona khona izinxushunxushu.
Ngaphambi kokuba abanjwe uMandela, uqophe ivideo esho ukuthi kungenzeka babanjwe, ube esesho ukuthi izwe lase Israel “izwe lobandlululo”, wanxenxa uhulumeni wakuleli ukuba abasize badedelwe.
Kuthiwa amasosha aphushe esinye sezikebhe abe esedubula lezi ezinye. Bathi ukuhlasela okungekho emthethweni ngoba bebengahlome ngazikhali.
Abe South Africa’s Department of International Relations and Cooperation baqinisekisile ukuthi abantu abawu-23 abaseMzansi kubalwa uMandela bakhona kulezi zikebhe.
“Ukuphepha kwabo kubaluleke kakhulu”, baxwayisa nabase Israyeli ukuthi uma bebahlasela bazobe bephula umthetho wamazwe.



