
Usenuka iqaqa uMayo ophuce iChiefs iqatha
Ngemuva kokuba yiqhawe emdlalweni wakhe odlule kwiKaizer Chiefs, uKhanyisa Mayo ube neshwa kowesibili ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mgadli wazethula ngegoli edlala okokuqala, kodwa kulokhu ube neshwa ephuca Amakhosi iqatha selibheke emlonyeni.
UPule Mmodi ubeshaye ibhola selibheke enethini, kwabe sekuqhamuka uKhanyisa Mayo walithinta efuna kube ngelakhe leli goli.
Nokho, ngeshwa lakhe, ubesuka endaweni engafanele, unompempe wabe eselichitha leli goli ebelizokwenza kube ngu 2-1 umphumela uvuna Amakhosi.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weChiefs uKhalil Ben Youssef uyithalalisile eyalesi sigameko.
“Ngingathini nje. Emizuzwini yokuqala engu-30 sakhe amathuba amahle okushaya amagoli,” kusho lo mqeqeshi eziba ekaMayo abebuzwe ngayo.
“Sibe sesingenelwa yigoli ngenxa yokunganaki. Kuba nzima kubadlali uma bebekelwe iphenathi kodwa ayangasebenza.
“Kodwa siqhubekile salwa. Salithola igoli. Sibe nelinye ithuba futhi ibhola beliya enethini walithinta kanti usendaweni engamfanele…”
Usuthu lulishaye kuqala igoli kulo mdlalo, uThandolwenkosi Ngwenya elivalela enethini.
IChiefs ibe nawo amathuba okudla amaphuzu agcwele kulo mdlalo njengoba ike yabekelwa iphenathi esiwombeni sokuqala.
Nokho unozinti waMaZulu, uDarren Johnson wamgeza uGlody Lilepo eyichitha le phenathi ukuqinisekisa ukuthi Usuthu luyaqhubeka nokuzihola phambili.
Nokho uMdu Shabalala ubuyile, wamudla lo nozinti eshaya igoli lokulinganisa laMakhosi nelenze kwabelwana ngamaphuzu.
Womabili lamaqembu asezobhekisa amehlo kwiCarling Knockout eqala kule mpelasonto.
Lisenethini



