
Bavalelwe abokufika beshayela amaloli bengenamaphepha
Sane Mseleku
Kuboshwe abantu bokufika abayishumi okuhlanganisa nabashayeli bamaloli kubona.
Kwivideo ezungezayo ezinkundleni zokuxhumana uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu uMnuz Siboniso Duma ubonakala esondela evenini ababuza ukuthi bafunani ezweni bengenamaphepha.
“Sisebenza ngobuchwepheshe obuyisimanga, siqaphe ikakhulukazi abashayeli bamaloli abangenawo amaphepha, abenza imigwaqo yethu izinkundla zezingozi nokubulala kwabantu,” kuphawula uDuma.
Kulo mshikashika bekuhlangene abeRoad Traffic Inspectorate (RTI) nabezoMnyango weZasekhaya.
UNgqongqoshe ujabulile ngomsebenzi omusha wamaphoyisa angu-177 asanda kuqashwa njengoba efolosa ngawo ukubopha abashayeli bamaloli bangaphandle abangenamaphepha.
Udalule ukuthi bamise amaloli angu-260 bahlawulisa abashayeli bamaloli abangu-13 ngokuphula imithetho yomgwaqo.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kube khona izingozi ezingaphezulu kwa-30 ezibandakanya amaloli, nabashayeli bokufika abanyamalalayo emuva kokudala ingozi.
“Sebeqalile bayasebenza abasebenzi bethu bazimisele futhi baseqophelweni eliphezulu, kwezomgwaqo”
“Kwizinyanga ezedlule-207 891 wezimoto ezikaliwe eMnyangweni wezokuThutha eWeighbridge, eziwu-48 973 (23.6%) bezigcwele ngokweqile kwathi ezingu-5842 (2.8%) zahlawuliswa,” usho kanje.



