
Ukhuza ibuya kwiGagasi FM uMinnie Ntuli
Ithimba labameli beGagasi FM liqinisekise ukubuyela kwa Minnie Ntuli embhobhweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMinnie wathusa abaningi kuthelevishini kulandela isigameko esenzeka kwi-The Real Housewives.
UMinnie wayebonakala exabana noLondie London beqophisana ngamagama, wagcina uMinnie ephusha uLondie ngendluzula esiphongweni esebenzisa umunwe.
Emuva kwaleso sigameko uMinnie ubesethathe ikhefu lamasonto amahlanu.
NgoMsombuluko mhla ka-18 August uzobuyela ohlelweni alusakaza noFelix Hlophe, iThe Uprising kusukela ngo 06h00 – 09h00 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ephawula uMinnie esitatimendeni uthe:
“Ngiyajabula ukubuyela emoyeni, emasontweni ambalwa edlule ngibuyekezile ngazama ukuzithola”
“Kuwona wonke umuntu engimphoxile ngesenzo sami ohlelweni lwethelevishini, ngiyaxolisa futhi”
“Kozakwethu kwiReal Housewives of Durban ngiyaxolisa ngezenzo zami”
“Ngiyabonga kuwowonke umuntu ongeseke esikhathini esinzima empilweni yami. Ngicela nokubonga iGagasi ngokunginika elinye ithuba”
Ngifundile emaphutheni ami, ngibuya nokuzimisela ekutheni ngibe umuntu ongcono, ngithembisa nokwenza kangcono,” usho kanje.
IGagasi libonge igalelo likaNkulee Mbatha obebambile ngesikhathi uMinnie esekhefini.
Abaphathi besiteshi baqoka ukunikeza le msakazi ikhefu ukuze athole izindlela zokubhekana nentukuthelo kangcono.
Esitatimendeni esikhishwe yiGagasi FM lithi belilokhu lisiqaphile isimo sikaMinnie futhi lixoxisana naye.
Umbiko wesempilo abawutholile uqinisekisa ukuthi usekulungele ukubuyela emsebenzini.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



