
Umsindo ngo-R10 abahlongozwa ukuthi bakhokhwe AmaZulu kwiSilo
Sane Mseleku
ABALULEKI ababili beSilo uMisuzulu kaZwelithini babeke umbono wokuthi umuntu ngamunye makakhokhe uR10 ngenyanga ukuze kugcineke izimfanelo zamaZulu.
Le mali ingafinyelela ku-R86.1 million ngonyaka, lokhu kunganciphisa ukuthembela kakhulu kuhulumeni.
Lombono kaSolwazi uJabulani Maphalala nosomabhizinisi uPhilani “PG” Mavundla uqhamuke emuva kokuthi iSilo sinqume ukuthi kusukela ngoSeptember, umcimbi weminyaka yonke womhlanga uzoba sesigodlweni esisha saseMashobeni.
Lesi sigodlo siphakathi komngcele wakwaNongoma nasePhongolo.
Isigodlo lesi kwabe kuyikhaya laNdlunkulu uNandi ozala iSilo uShaka.
Lokhu kusho ukuthi isigodlo saseNyokeni seminyaka, kusukela ngo-1970 sibamba lomcimbi minyaka yonke sizolaxazwa.
Izinhlangano zepolitiki KwaZulu-Natal!okubalwa kuzo iDA, ikhombise ukukhathazeka ngalolu shintsho.
Iveze nokuthi isigodlo saseNyokeni esesiya ngasemaphethelweni saR300-million sesizoba enye yemisebenzi angaphelile.
Kunokukhathazeka okukhulu kuhulumeni wesifundazwe, ngezezimali emuva kweminyaka izimali zingaphathwa kahle kusaphethe uhulumeni we-ANC.
Lolu shintsho luzokwenza kuphume ezinye izimali ezingekho.
UMaphalala no Mavundla bathe “amampunge wodwa lawo” bevikela isinqumo senkosi.
Kwistatimende abasikhiphile bobabili bathe bayahambisana nesinqumo senkosi, futhi amukho okumele aphikisane nayo ngoba ingumlomo ongathethi manga.
“Izinkinga zezimali ezikhona kuhulumeni waKwaZulu-Natal zibangwa yibona uqobo.
“AmaZulu ayaqhubeka nokukhokha intela kuleli zwe, futhi asikaze siyekiswe”
“Umbuzo umile: kwenziweni ngomnikelo wethu? Uma kuliqiniso ukuthi izimali azikho zokuseka izimfanelo zamaZulu, sicela isixazululo.
“Akuvumelwe wonke umZulu akhokhe uR10 ngenyanga ukuze amaZulu akwazi ukuzimela ngaphandle kokuxhaswa. Uma sikala isibalo samaZulu kuleli lokho kungenzeka kalula,” basho kwistatimende sabo bobabili.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



