Ezemidlalo

USebelebele uthele inhlabathi ephalishini leSundowns

IMamelodi Sundowns ibambane ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.

Lo mdlalo bewuse-Orlando Stadium kanti iSundowns ihambe phambili ngesiwombe sokuqala, kodwa iPirates yalinganisa ngomzuzu ka-87 ngonyawo luka Kamogelo Sebelebele.

Umqeqeshi uMiguel Cardoso ukhale ngokuthi abadlali beMamelodi Sundowns balahle umdlalo ngenxa yokuvumela imizwa yabo ibalawule, hhayi izingqondo.

“Bekuwumdlalo esiwudlale ngemizwa. Njengoba bengikade ngisolile, bekunezikhathi lapho amaqembu ezophatha khona umdlalo ngokwehlukana”

“Ngicabanga ukuthi bekumele sisebenzise izingqondo kakhulu kunemizwa ngasekupheleni komdlalo,” kusho lo mqeqeshi odabuka ePortugal.

“Kodwa bekungewoma umdlalo wamanqamu, kusewumkhumulajezi – futhi bekungowokuqala wemibili.”

Uthe okumkhathazile wukuthi abadlali bakhe abakwazanga ukulawula imizwa yabo, nokwenze ukuthi iPirates ibuye kulo mdlalo.

“Kwesinye isikhathi abadlali abakwazi ukulawula imizwa yabo kodwa bekuzobaluleka ukuthi siwulawule uze uphele lo mdlalo”

“Indlela esingenelwe ngayo yigoli akuyona indlela obekufanele kwenzeke ngayo. Kodwa zibe khona izikhathi ezinhle nezinye ezingabanga zinhle.”

Umdlalo womlenze wesibili uzoba ngoMgqibelo ozayo eLucas Moripe Stadium, ePitori kanti uCardoso uzobe ebheke umphumela ongcono.

Kodwa ngaphambi kwalowo mdlalo, iSundowns izovakashela iMagesi FC eSeshedo Stadium ePolokwane ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni weligi.

Lisenethini.co.za

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button